XOLILE MPISANE
INKAKHA yamaBhokobhoko uMorne Steyn imemezele ukuthi ngeke isalidlalela iqembu lesizwe ukuze ibe nesikhathi esithe xaxa nomndeni wayo.
USteyn (37) wadlala umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lesizwe ngo-2009 futhi waba yiqhawe ngesikhathi bedlala neBritish and Irish Lions, eshaya igoli elenza amaBhokobhoko anqobe uchungechunge.
Uphinde wenza okufanayo kulo nyaka bedlala nayo iBritish and Irish Lions, ekhahlela iphenathi enqobise iqembu lakuleli umdlalo usuphela.
USteyn utshele iSuperSport ukuthi uthathe lesi sinqumo ngemuva kokubuya kwiRugby Championship e-Australia lapho engasetshenziswanga khona.
Uzoqhubeka nokudlalela amaBulls. Isipiliyoni sakhe sizodingeka kuleli qembu lakhe kwi-United Rugby Championship eqhubekayo njengoba lisanda kulinyalelwa nguJohan Goosen.
Udlale imidlalo engu-68 eqenjini lamaBhokobhoko, owokugcina uwudlale ngo-Agasti bebhekene ne-Argentina.
Khonamanjalo, umqeqeshi wamaBhokobhoko uJacques Nienaber uselimemezele iqembu elizodlala namazwe amathathu ase-Europe emidlalweni yokuvala unyaka.
Iqembu lakuleli lizotholana phezulu neWales eCardiff ngoNovemba 6, lidlale ne-Scotland e-Edinburgh ngo Novemba 13 bese livala ne-England eLondon ngoNovemba 20.
Abadlali ababiziwe abangakaze bawadlalele amaBhokobhoko nguSalmaan Moerat odlala kwi-lock, noGrant Williams ogijima kwi-flyhalf.
Abadlali abangakhethwanga ngenxa yokulimala ngu-Faf de Klerk, Cheslin Kolbe, Frans Malherbe noRG Snyman. U-Pieter-Steph du Toit noRynhardt Elstadt nabo bashiyiwe njengoba besalulama.
"Lolu hambo luletha injabulo kodwa futhi luzoba yinselelo," kusho uNienaber.
"Sikhethe abadlali abayinsika yaleli qembu futhi esibasebenzise kakhulu sidlala namaLions nakwiRugby Championship.
"Sihlose ukubagcina ndawonye njengoba sibheke kwiNdebe yoMhlaba ka-2023."
"Bakhona abanye abadlale kahle kwiCurrie Cup nakwi-United Rugby Championship, siyawubona umsebenzi omuhle abawenzayo. Okwamanje sisazoqhubeka nabadlali esibasebenzise kulo nyaka."
AmaBhokobhoko azobhekisa amabombo eFrance ngoLwesihlanu lapho ezoziqeqesha khona isonto elilodwa ngaphambi kokuthi adlulele eCardiff.
Iqembu lamaBhokobhoko elizoya e-Europe:
Abaphambili: Ox Nche, Thoma du Toit, Steven Kitshoff, Vincent Koch, Trevor Nyakane, Joseph Dweba, Malcolm Marx, Bongi Mbonambi, Lood de Jager, Eben Etzebeth, Salmaan Moerat, Marvin Orie, Siya Kolisi (ukaputeni), Kwagga Smith, Marco van Staden, Duane Vermeulen, Jasper Wiese, Franco Mostert.
Abasemuva: Herschel Jantjies, Cobus Reinach, Grant Williams, Elotn Jantjies, Handre Pollard, Lukhanyo Am, Damian de Allende, Jesse Kriel, Aphelele Fassi, Willie le Roux, Makazole Mapimpi, Sbu Nkosi, Damian Willemse, Frans Steyn.