INSIZWA yaKwaMhlabuyalingana, uMaxwell "Bulldozer" Nxumalo ongusozinyama, icela usizo lokuxhaswa ngenkece ezokhokhela izindleko zokuyomela elakuleli emqhudelwaneni womhlaba ozoba seSpain ngenyanga ezayo.
UNxumalo (35) wasesesigodini sasePhelandaba kodwa ohlala eMlaza, eThekwini, uzomela elakuleli kwi-International Federation of Body Building (IFBB) World Men's Championships ngoNovemba 2-7, eSanta Susanna, eSpain.
Uzobe eqhudelana nobanye osozinyama esisindweni sika-65kg.
Uthole le ngqayizivele yethuba ngenxa yokubaqwaqwada emakhanda abanye osozinyama ku-65kg emqhudelwaneni kazwelonke obuseGoli ngenyanga edlule.
UNxumalo obuye abe umqeqeshi nomphathi weMax's Team Body Building ezinze eThekwini naseRichards Bay, uqale ukugila izimanga kuma-IFBB KZN ekuqaleni kwalo nyaka. Kulo mqhudelwano waze waklonyeliswa ngeSportsman of the Year.
Lo sozinyama owaqala lo mdlalo ngo-2014, uthe imali ayidingayo isukela ku-R15 000 kuya phezulu. Uthe iFFBBSA ithe izozikhokhela ezinye izindleko.
Leli phephandaba linayo incwadi lapho le nhlangano ichazela uNxumalo nabanye ahamba nabo ukuthi eminyakeni eyisishiyagalombili beyibakhokhela zonke izindleko abebeyimela kulo mqhudelwano womhlaba.
Nokho kulo nyaka ishayeke kakhulu emalini ngenxa yesimo somnotho esingesihle. Ibe seyicela ukuthi abazoya eSpain bayihlangabeze ngokuncane.
"Lolu hambo lubiza kakhulu, ngiyazicelela kubantu bakithi ukuthi bangixhase ngalokho abanakho. ESpain kangiyele ukuyomela mina kuphela kodwa ngizoqhakazisa negama leNingizimu Afrika yonkana.
“Ngiyabathembisa ukuthi ngeke ngibaphoxe, ngizobuya nendondo njengoba ngihlale ngenza. Okungikhathazayo ukuthi nesikhathi sesidliwe yinja. Ngikholelwa ekutheni ukuya eSpain ngifike ngenze kahle kuzogqugquzela nabanye ikakhulukazi intsha ukujoyina lo mdlalo," kuchaza uNxumalo ozichaze njengomuntu ozithandayo ezemidlalo.
Uthe labo abazomsiza uzobanika bonke ubufakazi bokuthi uyaya ngempela eSpain. Abangathanda ukuphosa itshe esivivaneni bangamthinta kule nombolo: 074 740 0885.