SITHEMBISO MKHIZE
ISILOMO somshayisibhakela wasifazane, waKwaMashu, uNomusa Ngema (28), sidalula ukuthi kwaba wubuhlathi bobuholi obudala benhlangano ephethe isibhakela sama-amisha, iSouth African National Boxing Association (Sanabo), okwaholela ukutheni ajoyine esikhokhelayo.
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo noNomusa osezinze eGoli, uveze ukuthi wayezitshela ukuthi kuyoshaya lesi sikhathi eseke walimela izwe lakhe kuma-Olympic Games.
Uthe isizathu sokucabanga ngale ndlela wukuthi ubeselimele ngempumelelo kaningi elakuleli emiqhudelwaneni yase-Afrika futhi elinqobela nezindondo.
Uthe bese kushoda ukuya kuma-Olympics.
“Ubuholi obudala beSanabo bangiphuca ithuba lokuya kuma-Olympic okuyinto engangihlale ngiphupha ngayo,” kusho uNgema.
“Nakuba kwakungakaqinisekiswa ukuthi bengizoya eTokyo okungenani kwakumele sinikwe ithuba lokuyohlunga.
“Ngiyazazi ngangizophumelela, kuma-amesha ngikutshengise kaningi ukuthi nginekhono.
“Ekuqaleni konyaka odlule ngivele ngabona ukuthi angingene kwesikhokhelayo.”
Ukhuluma kanjena, ngaphambi kwama-Olympic ango-2020 agcina edlalwe ngonyaka odlule, ubuholi obudala beSanabo benza ubuhlathi bukhohlwa ukuhambisa iqembu lakuleli emqhudelwaneni wokuhlungela ukuya eTokyo, eJapan. Bekungokwesibili lokhu kwenzeka.
Iqembu lesibhakela lakuleli kaliyanga nakuma-Olympic ango-2016 ngenxa yokuthi lobu buholi bahlungisa iqembu ngomqhudelwano owawungafanele.
Ukuya emqhudelwaneni omkhulu, amaCommonwealth Games lize laya kulo nyaka ngaphansi kobuholi obusha bukaSiyabulela Mkhwalo.
Kule midlalo ebiseBirmingham, e-England, intokazi yaseDundee, uPhiwokuhle Mnguni, ibuye nendondo yesiliva.
UNgema, isibhakela osifundiswe nguDelani Basil Kotela nomufi uThemba Latha khona eSinqawunqawini, ngeSonto izolwa impi yayo yesithathu esibhakeleni esikhokhelayo emqhudelwaneni weLightning Boxing Promotions oKwaMashu Sport Centre.
Izolwa noMitchelle Mubhaya waseZimbabwe kwezohlanganisa izisindo (Catchweight). Impi yemizuliswano emine. Isisindo sikaNgema yiBantamweight.
Kweyokuqala esigabeni esikhokhelayo, uNomusa ushaye uLufuno Mutshayi waseLimpopo ngomngqimuzo womlalisa phansi.
Kweyesibili uhlulwe ngamaphuzu nguMonica Mkandla wakhona eZimbabwe kwebiseGoli ngo-Agasti.
“Njengoba ngishayiwe kweyokuqala kuyangiphoqa ngeSonto ukunqoba. Kuhle ngoba ngizobe ngilwela ekhaya,” kusho uNgema.
“Isifiso sami wukuthi ngingene ezilinganiswani zeBSA ukuze ngizothola ithuba lokuba yingqwele yebhande likazwelonke leBantamweight.
“Kulezi zimpi ezintathu engizilwile ngifunde lukhulu,.”
Impi yosuku ngeSonto iphakathi kukaNjabulo Buthelezi noThulani “Smith" Gumede abazobanga ibhande leKZN Flyweight.
Ziyisikhombisa izimpi kulo mqhudelwano oxhaswe nguMnyango wezeMidlalo, amaCiko nezamaSiko. Ziqala ngo-1 emini kanti kungenwa mahhala.