USECABANGA ukusiyeka isibhakela uSiphesihle Mntungwa okhala ngabamchapha ngezinhlamba kulandela ukushona kwembangi yakhe uSimiso "Gandaganda" Buthelezi abelwa nayo ngempelasonto edlule.
UMntungwa noButhelezi kade bebanga ibhande le-WBF All Africa Lightweight eGreyville Convention Centre, eThekwini.
Le mpi ibingenye yezihlelwe yiStarline Boxing Promotions. Nokho izimpi ziphele sekumuncu emuva kokuthi uButhelezi equlekile eringini, waphuthunyiswa esibhedlela. Ushone ngoLwesibili.
UMntungwa uthe selokhu kwenzeke lokhu, usejikelwe ngisho nangomakhelwane bakhe.
"Abantu bayangithuka sengathi ngingene eringini nginenhloso yokumbulala uButhelezi, kanti akunjalo. Kusukela elimalile, abantu bangichapha ngezinhlamba ngisho ezinkundleni zokuxhumana. Nami ngisebuhlungwini ngokwenzekile. Ngicabanga ukusishiya phansi isibhakela, ngiqhubeke nezinye izinto empilweni. Ngizohlala phansi nomqeqeshi wami nomndeni, ngizwe ukuthi babona kanjani, "kusho uMntungwa.
"Benginephupho lokuthi ngelinye ilanga nami ngiculelwe iculo lesizwe, ngihambe amazwe. Benginesifiso sokuhlangana neqhawe lami uFloyd Mayweather kodwa ngibona konke lokho kushabalala.
“Kade ngibuka nje, kukhulunywa ngami emhlabeni wonke. Angiphumi endlini selokhu kwenzeke lokhu. Ngike ngazama ukuya ezitolo ngiyothenga, ngizifihle ngesifonyo nezibuko. Abantu kade bekhombisana ngami bephikisana ngokuthi yimina ngempela yini. Omunye ugcine engibonile ngama-tattoo ezingalweni, bamemeza bathi ngilimaze umfana. Selokhu ngicashe lokho. Kubuhlungu kimina ngoba angikwenzanga ngenhloso."
Kusukela kusabalale i-video kaButhelezi eseringini, abanye balimise ngesihloko elokuthi uMntungwa umshaye ngomuthi.
"Ekhaya asiwusebenzisi umuthi. Sikholwa kwaShembe. Esikwenzayo wukukhanyisa ikhandlela emsamo sicele. Ngemuva kwempi, nomqeqeshi kaButhelezi (Bheki Mngomezulu) ungicelile ukuthi ngizomelula. Ngikwenzile lokho ngoba angikwazi abakholelwa kukhona.
“Ukube bengazi ukuthi kuzogcina kanje, bengizovele ngiguqe phansi ngomzuliswano wesibili, iphele impi. Ngiyafisa ukuyomfihla uButhelezi kodwa ngiyesaba ngoba angazi ukuthi umndeni wakhe ukuthatha kanjani okwenzekile," kusho uMntungwa. Kuvela ukuthi uButhelezi angase afihlwe ngeSonto kodwa bekusazoqinisekisa umndeni.
Umshophi owehlele uButhelezi akusiwona owokuqala esibhakeleni saseNingizimu Afrika. Ngo-2011 u-Anele Makhwelo waphangalapa emuva kwezinsuku exhimfane noDoctor Ntsele empini yebhande lakuleli eFree State. UMakhwelo wangena kwi-coma emuva kokuhlinzwa kabili ekhanda odokotela bezama ukususa ihlule ebuchosheni.
Ngo-2014 kwashona umshayisibhakela wesifazane uPhindile Mwelase waseMnambithi owashonela eSteve Biko Academic Hospital, ePitoli, emuva kokulwa noLiz Butler. Emuva kwale mpi, uButler walwa kanye, wasiyeka isibhakela.
Esibhakeleni somhlaba, ngoSepthemba nyakenye kushone umshayisibhakela wesifazane waseMexico, uJeanette Zacharias Zapata eneminyaka engu-18 emuva kwezinsuku eziyisihlanu ehlulwe ngomngqimuzo womlalisa phansi nguMarie-Pier Houle waseCanada.