LUNGILE MAJOKA
UCASTER Semenya ungenele ukugijima u-5000m emqhudelwaneni iSizwe Medical Fund ASA Senior Track and Field ezobanjelwa eTshwane Stadium kusukela ngoLwesine.
USemenya akavumelekile ukuncintisana ebangeni alijwayele u-800m ngenxa yomgomo wenhlangano eyengamele ezokusubatha emhlabeni iWorld Athletics.
Le nhlangano yanquma ukuthi abagijimi besifazane abane-testosterone ephezulu kunejwayelekile kwabesimame bangagijimi ku-400m kuya ku-1500m ngaphandle kokudla imishanguzo yokuyinciphisa.
USemenya washaya phansi ngonyawo wathi ngeke ayidle leyo mishanguzo futhi lo mthetho ucindezela abantu besifazane.
Usalulwa lolu daba njengoba eseludlulisele kwi-European Court of Human Rights.
USemenya ungumpetha wama-Olympic ku-800m. Njengoba lolu daba lungakapheli kusho ukuthi ngeke asivikele isicoco sakhe emqhudelwaneni ozokuba seJapan ngoJulayi.