Lungile Majoka
ISILOMO somgijimi uCaster Semenya sizidlele amahlanga sithatha isicoco sika-5000m ngoLwesine ekuseni kwiSizwe Medical Fund ASA Senior Track & Field Championship abanjelwe Tshwane Stadium.
USemenya weqe ulayini ngo-15: 52:28 okuyisikhathi esihle eseke asenza kuleli banga. Wehlule uGlenrose Xaba ogcine engene endaweni yesibili ngesikhathi esiwu-15: 55:25. Indawo yesithathu ithathwe Kyla Jacobs ngo-16:11:53.
Nokho isikhathi anqobe ngaso uSemenya asimfaki kuma-Olympics njengoba kudingeka enze u-15:10: 00 ukuzibekisela indawo kuleli banga kule midlalo engoJulayi eTokyo, eJapan.
Kulo mjaho uSemenya ubebonakala ekhululekile engajahile ukusheshe agqashule kwizimbangi. UJacobs uke wathi ukuzihola phambili umjaho usephansi. Zishintshile izinto zekugqashula phambili uXaba kodwa uSemenya elokhu emhleli ezithendeni.
Kuthe umjaho usesele nebanga elingaphansi kuka-1000m, waqala uSemenya walivula igebe. UXaba oshaya ngesiqu esifusha uzamile ukulwa kodwa kwasho khona ukuthi intokazi yakwaSemenya iyagxala.
Ngesikhathi amehlo ebheke umbango kaSemenya noXaba, nasendweni yesithathu bekushubile njengoba uJacobs ebuye endaweni yesine abesehlele kuyona, wagcina edlule uLebo Phalula othathe indawo yesine.
USemenya akavumelekile ukuncintisana ebangeni alijwayele u-800m ngenxa yomgomo wenhlangano eyengamele ezokusubatha emhlabeni iWorld Athletics.
Le nhlangano yanquma ukuthi abagijimi besifazane abane-testosterone ephezulu kunejwayelekile kwabesimame bangagijimi ku-400m kuya ku-1500m ngaphandle kokudla imishanguzo yokuyinciphisa.
USemenya washaya phansi ngonyawo wathi ngeke ayidle leyo mishanguzo futhi lo mthetho ucindezela abantu besifazane.
Usalulwa lolu daba njengoba eseludlulisele kwi-European Court of Human Rights.
USemenya ungumpetha wama-Olympics ku-800m. Njengoba lolu daba lungakapheli kusho ukuthi ngeke asivikele isicoco sakhe emqhudelwaneni ozokuba seJapan ngoJulayi.