UPHESHEYA umqeqeshi weqembu lesizwe lenetball uNorma Plummer, nakuba sekusele isikhathi esingaphezudlwana kwenyanga ukuthi lidlale eNdebeni yoMhlaba ezoba ngoJulayi 28.
Ekhuluma nabezindaba eseMelbourne, e-Australia, izolo ekuseni, uPlummer ukuqinisekisile ukuthi yena nephini lakhe uNicole Cusack, bazoze batheleke kuleli ngoJulayi
Laba baqeqeshi babephethe izintambo ngesikhathi amaProtea eqeda endaweni yesine eNdebeni yoMhlaba ngo-2019, eLiverpool, e-England.
Bazishiya izikhundla zabo ekupheleni kwalo mqhudelwano kwaqokwa uDorette Badernhost, njengonhloko yabaqeqeshi, noDumisani Chauke njengephini lakhe.
Nokho ibhantshi lagcwala umoya kuBadernhost ngoNovemba nyakenye, ngemuva kokuthi amaProtea eshaye udaka kumaCommonwealth Games eBirmingham, e-England.
I-Netball South Africa (NSA), yabe isimemezela ukuthi uPlummer noCusack bazokhuza ibuya eqenjini lesizwe ngethemba lokuthi bazoqhubeka lapho bagcina khona eLiverpool.
Bebengena bephuma kuleli, bezoqeqesha abadlali abebebizelwe emakhempini eqembu lesizwe abeseStellenbosch, ngaphambi kokuthi bamemezele iqembu labadlali abangu-15 elizoya eNdebeni yoMhlaba ngenyanga edlule.
“Mina noNicole sizofika eNingizimu Afrika ngoJulayi 14, lapho sizohlangana khona neqembu lonke. Sihlose ukuthi siligijimise kakhulu ejimini esontweni lokuqala ngaphambi kokuthi siye eKapa, lapho sizobe sesidlala khona imidlalo yokungcweka yokugcina,” kusho uPlummer.
“Ngenxa yokuthi abadlali abaningi basabambeke emaqenjini abo adlala kwiTelkom Netball League (TNL). Ngeshwa lo mqhudelwano uphuzile ukuqala, awufani nowase-Australia, New Zealand nase-England esongwa manje. Bekungeke kusize ukuthi sisheshe sifike eNingizimu Afrika, ekubeni abadlali besasemaqenjini abo. Siyajabula ukuthi bayawathola amathuba okudlala futhi siyayithunyelwa yonke imidlalo yeTNL.
“Ngigculisekile ngendlela abadlali bamaProtea abadlala ngayo, ngiyaxoxa nomdlali ngamunye ngemuva kokubuka imidlalo yabo futhi ukhona uDumisani (Chauke) eduze kwabo, uyakwazi ukubabonisa njalo ngemuva kwemidlalo.”
AmaProtea aqhathwe neJamaica, Wales neSri Lanka kuPool C kweyamaqoqo eNdebe yoMhlaba. Azovula neWales ngoJulayi 28.