UZIBONA ephethe ibhande lomhlaba eminyakeni ezayo, uSiyabonga "Destroyer" Mpangele othuse abaningi ezinyangeni ezimbili ezedlule eshaywa yisifo sohlangothi esejimini elungeselela impi yebhande lomhlaba.
Maphakathi noSepthemba lo mshayisibhakela waseMevamhlophe, eMpangeni, washayeka phansi maqede wakhihliza amagwebu eseThekwini Boxing Gym lapho kuziqeqeshela khona amabhokisa eLudonga Boxing Promotions.
Wayelungiselela impi ayezoyilwa noGcina "Double G" Makhoba yeWBF Junior Bantamweight.
Waphuthunyiswa esibhedlela e-Addington, eThekwini nalapho kwatholakala khona ukuthi uhlaselwe isifo sohlangothi.
UMakhoba oqhathwa iHlula Dladla Boxing Promotions, wagcina elwe noMusawenkosi Ndwandwe.
Ngemuva kwalesi sigameko kwabakhona abaphakamisa ukuthi uMpangele akasiyeke isibhakela.
Leli phaphandaba lithinta uMpangele uveze ukuthi ululamela kayise wakhe omncane, eRichards Bay.
Uthe ujabule njengoba engasahambi ngezinduku ngenxa yokuthi ubenenkinga onyaweni lwangakwesokudla.
"Ngibonga kakhulu kubantu abangesekile ngesikhathi esinzima. Ngaphandle kwemithandazo yabo bengingeke ngilulame. Sengingcono kakhulu esimeni ebengikuso," kusho uMpangele.
Kubuzwa umbono wakhe mayelana nalabo abathi akasiyeke isibhakela, ushaye phansi ngonyawo, wathi bayaphupha abasho lokho.
"Njengoba ngisho nje, ngiyalulama ngokushesha. Kuzoshaya uJuni ngonyaka ozayo sengiwumqemane. Angisoze ngasiyeka isibhakela, sigijima emithanjeni yami yegazi. Ngizibona eminyakeni embalwa ezayo ngiphethe ibhande lomhlaba. Abathi angisiyeke bakhuluma into abangayazi. Imina owazi umzimba wami. NoGcina Makhoba wazi kahle ukuthi ngangizomphuca ibhande le-WBF ukuba angizange ngigule. Iphupho lami lisazofezeka.
"Okunye okwenza ngingasiyeki isibhakela ukuthi iyona kuphela indlela engenza ngayo imali. Empeleni ukugula kungibuyisele emuva. Imali engangizoyithola ngokushaya uGcina Makhoba ngase ngiyihlelele. Akusenani ngisazolithola elinye ithuba lokulwa," kuqhuba uMpangele.
USizwe "Bhubesi" Mthembu ocija lo mshayisibhakela, uthe bazomnika isikhathi esanele sokululama.
"Odokotela basitshele ukuthi asingamjahi uMpangele ngokumbuyisela eringini. Kabazange bathi ngeke esakwazi ukulwa. Mhlawumbe angaze alwe ekupheleni konyaka ozayo. Uwumfana onethalente ngendlela emangalisayo. Uma engalulama ngokwanele angingabazi ukuthi uzogcina engumpetha," kusho uMthembu.