UKAPUTENI wamaProteas, uDean Elgar, usale ebalisa ngokuba buthaka kwesikwati asiholayo kulandela ukunenebulwa kwabo i-Australia nge-inning ehamba nama-run angu-182 ngosuku lwesine lwe-test yesibili ngoLwesine, eMelbourne Cricket Ground (MCG).
Ngale wini, i-Australia isihamba phambili ngo-2-0 emidlalweni emithathu ewuchungechunge. Kusele umdlalo wokugcina oqala ngoMsombuluko, eSydney Cricket Ground (SCG).
Yize amaProteas ezamile ukugoloza ngehora lokuqala lomdlalo ngoLwesine ekuseni, okulandele lapho umbukiso wabashwibi base-Australia, abebengaphelele kwazise ubeselimele, uCameron Green, othathe amawikhethi amahlanu kwi-inning yokuqala.
U-Elgar ophume ngedada (ukhishwe engashayanga ma-run), ngosuku lwesithathu, ubesefana nesibukeli ngosuku lwesine i-Australia izenzela kwababhethayo bamaProteas.
UTemba Bavuma kuphela ozamile kumaProteas njengoba kunguyena owenze ama-run angu-65 kwawu-204 ohlanganiswe amaProteas esewonke.
Emuva komdlalo, u-Elgar uvumile ukuthi iqembu aliholayo likhombise izimpawu zokuba buthaka.
“Kunzima ukwamukela lo mphumela ngoba akukho engingakukhomba ukuthi kusinike ithemba kuwona,” kusho u-Elgar.
“Noma kungekubi konke esikwenzile kodwa okugqamile indlela esikhombise ngayo ukuba buthaka njengeqembu umdlalo wonke.
“Ubungekho umfutho endleleni esidlale ngayo. Okuyinto exakayo nokho ngoba isimo sezulu nakho konke, kufana ncamashi nalokhu esikujwayele.
“Kuyaphoxa ukuthi umdlalo ugcine uphela ngale ndlela ngoba bekuzosithoba inhliziyo ukuthi noma sishaywa kodwa sikhombise ukuthi besifuna ukulwela isithunzi sethu nawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika esimumele.”
Lo kaputeni usecabanga ngokuvala ihlazo kwi-test yokugcina eqala ngoJanuwari 1.
“Kufanele sizinuke amakhwapha ngaphambi kokuya emdlalweni wokugcina ngoba kusekuningi esingakunqobela khona.
“Abantu baseNingizimu Afrika bayaziqhenya ngekhilikithi yabo ngakho-ke ukushaywa ngo-2-1 kuzwakala kangcono kuno-3-0,” kuphetha u-Elgar.