XOLILE MPISANE
UMSHWIBI wamaProteas, uKagiso Rabada, nguyena umdlali wakuleli othengwe ngemali enkulu ngesikhathi kunendali yabadlali abazogijima kwisizini ka-2022 ye-Indian Premier League (IPL).
Sebebonke bangu-33 abadlali bakuleli abebethumele amagama abo ukuze bazibeke ethubeni lokudlala kulo mqhudelwano kodwa bayishumi kuphela abathengiwe. U-Anrich Nortje ugcinwe yiqembu lakhe, iDelhi Capitals.
URabada, obesedlalele iDelhi Capitals kusukela ngo-2017, usethole ikhaya elisha kwiPunjab Kings, ekhokhe imali elinganiselwa ku-R18.6 million ukuze imthole.
Yize lesi kuyisamba esikhulu kubadlali bakuleli kulo nyaka kodwa asiboni lutho ku-R32.8 million owakhokhwa yiRajasthan Royals ithenga uChris Morris ngonyaka odlule.
Umdlali osemmncane, uDewald Brevis (18), naye wengeze imali eningi ephaketheni lakhe njengoba ethengwe yiMumbai Indians ngemali elinganiselwa ku-R6 million.
Lo mdlali, oteketiswa ngelika-“Baby AB” njengoba edlalisa okwenkakha yamaProteas u-AB de Villiers, usanda kuqokwa njengomdlali ovelele kwiNdebe yoMhlaba yabadlali abangaphansi kweminyaka engu-19 esongwe kule nyanga eWest Indies.
Nakuba iqembu lakuleli liqede endaweni yesikhombisa ngemuva kokukhishwa kuma-quaterfinal kulo mqhudelwano, uBrevis ushaye ama-run angu-506, okubalwa kuwo o-100 ababili no-50 abathathu.
Njengamanje ugila izimanga eqenjini leTitans kwiCSA T20 Challenge lapho eshaye khona ama-run angu-46 emabholeni angu-30 ngesikhathi benqoba iDolphins ngoMsombuluko.
Omunye umdlali wamaProteas obhethayo, uRassie van der Dussen, uzothola ithuba lokuzibonakalisa okokuqala kwi-IPL, ethengwa yi-Rajasthan Royals ngemali elinganiselwa ku-R2 million.
Yize noma engabalwa nabahola kakhulu kodwa uthe uyalijabulela ithuba eliyingqayizivele lokuba yingxenye yalo mqhudelwano.
"Ngizizwa ngijabule kakhulu. Lide ibanga engilihambile ukuze ngifinyelele lapha. Lokhu kuchaza ukuthi uyabonakala umsebenzi engiwenzayo," kusho uVan der Dussen.
Abanye babadlali bakuleli abagqamile abebezimisele ngokudlala kwi-IPL yalo nyaka kodwa bangakhethwa ngumakadebona, u-Imran Tahir, noTabraiz Shamsi, okuyimanje ulele endaweni yesibili uma kukleliswa abashwibi abavelele emhlabeni kweyeT20.
Abanye abangazitholanga izikhala ngabadlali abadume ngokushaya ibhola uJanneman Malan, Rilee Rossouw noHeinrich Klaasen.
Izinsuku ezisemthethweni bezingakaqinisekiswa kodwa kulindeleke ukuthi i-IPL yalo nyaka iqale ngasekupheleni kukaMashi iphele ngoMeyi.
Uhlu lwabadlali baseNingizimu Afrika kwi-IPL: Kagiso Rabada (Punjab Kings), Faf du Plessis (Royal Challengers Bangalore), Quinton de Kock (Lucknow Super Giants), Marco Jansen (Sunrisers Hyderabad), Dewald Brevis (Mumbai Indians), Aiden Markram (Sunrisers Hyderabad), David Miller (Gujarat Titans), Rassie van der Dussen (Rajasthan Royals), Dwaine Pretorius (Chennai Super Kings), Lungi Ngidi (Delhi Capitals), Anrich Nortje (Delhi Capitals).