XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weqembu laKwaZulu-Natal iKingdom Stars, uMarguerite Rootman, ubancomile abadlali bakhe ngokusheshe babambe amasu akhe, yize behlulwe iJaguars yaseGauteng emdlalweni wabo wokuqala kwiTelkom Netball League ngoMsombuluko ntambama.
I-Jaguars, esiyiphakamise iminyaka emine ilandelana le ndebe, inqobe lo mdlalo wamaqoqo obuseHeartfelt Arena ePitoli ngo 49-37. Kuyiwe ekhefini iqembu laseGauteng lihamba phambili ngo 24-19.
URootman usanda kuthatha izintambo kwiStars, ebiphekwa nguBonisiwe Thabethe ngesizini eyedlule, uthe uyaziqhenya ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo.
"Akukho okutheni engingathi kuhambe kabi. Kuyimanje ngiyamoyizela ngoba kuningi engibafundise kona abakubambe ngokushesha.
"Indlela engifuna badlale ngayo idinga isikhathi ukuthi bayijwayele kodwa bayilandele kahle kumakota amabili okuqala. Ngokuhamba kwesikhathi bagcine sebedlala ngendlela abebedlala ngayo kudala kodwa futhi akungithusanga kakhulu lokho.
"Sekusele ukuthi bathathe lokhu abakwenze ngesiwombe sokuqala bakwenze umdlalo uze uphele," kusho uRootman.
URootman, obuye aqeqeshe iqembu leNyuvesi yaseWits, uthe kubalulekile ukuthi asebenzise abadlali abahlukene njengoba umqhudelwano usaqala ukuze abone ukuthi ngobani asebelilungele leli zinga.
"Ngenze izinguquko eziningi kulo mdlalo wokuqala, angijwayele ukushintsha kangaka,kodwa bekusemqoka ukuthi nginike abadlali abaningi ithuba ukuze ngibone ukuthi bazokwenzenjani, ikakhulukazi uma bebhekene neqembu eliyingozi njengamaJaguars."
IKingdom Stars izobuyela enkundleni ngoLwesibili ntambama ngo-4 la izobhekana khona neqembu laseWestern Cape i-Southern Stings.