INGQWELE yebhande leWBF All Africa Middleweight, u-Ayanda “Nyamazane“ Mthembu (28), icela ophromotha baKwaZulu-Natal bangenele ukuze izogcina itholanile esitikini noJohn “Section 29” Bopape wase-Alexander, eGauteng.
Okwenza uMthembu amfune esitikini uBopape, wukuthi umbona edinga ukunqandwa ngokuchanasa emakhanda abashayisibhakela bakulesi sifundazwe.
“Angiqondile ukweya uSinamiso kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngemuva kokulwa naye ngifuna esitikini uBopape. Ukuze lokhu kwenzeke kuzomele ngijime ngokuzimisela ukuze ngizodlula kuye uSinamiso,” kusho uMthembu.
“Empeleni ngokufuna ukulwa noBopape ngihlose ukubuyisela izinduku yena uSinamiso noMhlongo. Ngeke sidlale lo mfana, sengizibuke kahle izimpi zakhe ngeke angihlule.
“Isifiso sami uwkuthi afake amabhande akhe esitikini nami ngize neleWBF bese sitholana phezulu.
Ngicela ukuthi ophromotha baKwaZulu-Natal basize uZwi (Magudulela weLudonga) ukuze sizophumelela lesi sifiso sami. Nabathandi besibhakela bangayijabulela le mpi.“
UMthembu waseMandeni ukhuluma kanjena nje, ngoNovemba 26 uzovikela ibhande lakhe kuSinamiso Ntuli waseMnambithi, ezimpini zeLudonga Boxing Promotions, Olundi.
Yimpindamshaye, ngo-2018 uMthembu wanqoba ngamaphuzu kweyokungcweka eyayiseMnambithi.
Uzobe eqala ukuvikela iWBF All Africa selokhu eyithathe ngomngqimuzo womlalisa phansi kuMaisha Samson waseTanzania.
Ngalolu suku impi enkulu ngekaSabelo Cebekhulu waKwaZulu-Natal noMawande Matrose wase-Eastern Cape abazolwa kweyeWBF International Bantamweight.
UBopape ucijwa nguqweqwe, uBushy Mabele (71).
NgoJulayi walo nyaka uvikele eleMiddleweight kuye iSinamiso. NgoSepthemba uphinde washaya uMbiya Kanku waseDRC kweye-ABU.
UMthembu uthi kumphatha kabi ukuthi akakafiki lapho ayezitshela ukuthi kuyoshaya le minyaka esekhona.
“Ngangizitshela ukuthi kuyoshaya le minyaka sengiwumpetha we-IBO, WBO World namanye amabhande ahlonishwayo,” kusho uMthembu.
“Nakuba zikhona ezinye izimpi engibhacaze kuzo kodwa ukugqoza kwezimpi neCovid-19 kungishayile.”
UZwi oyisikhulu esiphezulu kwiLudonga uveze ukuthi ezimpini zangoNovemaba 26 ngeke kusangenwa ngo-R50 njengoba kuke kwabikwa kodwa sekuzongenwa mahhala.
Ubonge kakhulu kuMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal nakuMasipala wasoLundi ngokuxhasa lezi zimpi.