ZAKHELE XABA
UHLOSE ukufeza iphupho leminyaka umshayisibhakela wasoLundi, uMfanuvele Ntuli, ozolwela ibhande lesifundazwe iKwaZulu-Natal ngakubo.
UNtuli (2-3-0) waseMtikini, Ondini, uzoxhimfana noSibonelo Maseko waseDumbe empini yebhande leKZN Junior Flyweight ezoba senkundleni yebhola Olundi Stadium ngoNovemba 26.
Le mpi ikwzihlelwe yiLudonga Boxing Promotions okubhekwe ukuthi kuphume nesinedolo ukuzozethamela.
Impi yosuku izoba ngeyebhande le-World Boxing Federation (WBF) phakathi kukaSabelo Cebekhulu waseKZN noMawande Matrose wase-Eastern Cape.
UNtuli, owaziwayo Olundi ikakhulukazi esigabeni sama-amesha, uthe akafuni inkunzi ikhishwe esibayeni sayo.
Uzolwa okokuqala ngakubo kusukela eqale isibhakela esikhokhelayo nyakenye.
"Okungijabulisa kakhulu wukuthi njengomfana wasoLundi ngizolwela ekhaya. Kade kwasa ngilwela ngaphandle. Kukhona ke uma ungumshayisibhakela ukuthi ubone sengathi ubanjwe inkunzi uma uhambile. Nami ngizoke ngizwe ukulwela ekhaya ukuthi kunjani. Ukulwela ibhande elikhulu njengaleli bekuvele kuyisifiso sami kusukela ngiqala isibhakela nokuthi ngiliphathe. Ngakho lokhu kumele ngikwenze kuphumelele. Into engiyifunayo wukuthi leli bhande lisale Olundi, kube ngelakhona. Ayikho into engingayijabulela njengaleyo futhi yinto engiyilungiselelayo. Ngizoba ngumpetha," kusho uNtuli.
UNtuli, omele iZululand kumaSalga Games esekuma-amesha, uqale isibhakela esikhokhelayo ngo-Agasti nyakenye. Ezimpini eziyisihlanu, uwine ezimbili, wehlulwa kwezintathu. Nakuba ezethemba uNtuli kodwa kungenzeka athwale kanzima kuMaseko osahlulwe kanye ezimpini ezine.
UNtuli uvumile ukuthi akukho okutheni akwaziyo ngoMaseko.
"Angikaze ngimbone elwa kodwa lokho ngeke kungivimbe ekutheni ngibe ngumpetha. Njengoba engumshayisibhakela nami ngingumshayisibhakela, kufanele ngisebenze uma ngifuna ibhande. Into enginesiqiniseko sayo wukuthi isibhakela yinto eyoshintsha impilo yami, ishintshe nekhaya lami. Ngakho njengoba ngiyolwela ekhaya, angiyi ukuyolwela ukudlala laphaya," kusho uNtuli.
Ezinye izimpi ziqhathwe kanje:
WBF All Africa (10 rounds): Ayanda Mthembu (Mandeni) v Sinamiso Ntuli (Mnambithi)
KZN Bantam Provincial Title: Mxolisi Sibiya (Ulundi) v Mpilo Cele (Umlazi)
Junior Bantamweight (4 rounds): Nkosinathi Sibiya v Xolani Majola (Mnambithi)
Bantamweight (4 rounds): Isley Hegreaves (Bluff) v Celimpilo Ngema (Ulundi)
Female Lightweight (4 rounds): Seluleko Zulu v Sinoyolo Melane (Stanger)