UZIMISELE ukuqala kabusha kwiCricket South Africa (CSA) umqondisi omusha wekhilikithi kuleli, u-Enoch Nkwe.
UNkwe (39) wadlala kwiGauteng neHighveld Lions kusukela ngo-2002 kuya ku-2009, ngaphambi kokuba ngumqeqeshi. Wanqoba izicoco ezimbili neLions, wabuye wathatha eseMzansi Super League neJozi Stars.
Uphinde wasebenza eyiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe laseNetherlands kusukela ngo-2016 kuya ku-2018, nakumaProteas kusukela ngo-2019 kuya ku-2021.
Ungene esikhundleni ebesiphethwe ngowayengukaputeni wamaProteas, uGraeme Smith, obebambe lesi sikhundla kusukela ngoDisemba ka-2019 kwaze kwaba sekupheleni kukaMashi kulo nyaka.
“Ngizizwa ngikhethekile kakhulu ngokuthola leli thuna lokuhlala esikhundleni esinginika amandla okwenza umehluko kulo mdlalo. Abantu abangaziyo bayazi ukuthi nginogqozi olungakanani ngekhilikithi yaseNingizimu Afrika,” kusho uNkwe.
“Inhloso yokuba kulesi sikhundla wukuthi ngibe nomthelela omkhulu ekuletheni ushintsho oluhle kodwa lokho ngeke kwenziwe yimina kuphela kodwa ngizokwenza nalabo engizobambisana nabo.
“Ngithanda ukubonga iCSA ngokungeseka futhi ngibheke ngabomvu ukubeka ikhilikithi yaseNingizimu Afrika ezingeni elisha.”
UNkwe wasula esikhundleni sakhe sokuba yiphini lomqeqeshi wamaProteas, uMark Boucher, ngo-Agasti nyakenye ngenxa yokuthi ubezizwa engamukelekile futhi ebona sengathi nolwazi lwakhe belungasetshenziswa.
Njengoba esenesikhundla esingaphezulu kukaBoucher, uthe ulitholile ithuba lokuxoxa nomqeqeshi ngaphambi kokuthi iqembu lesizwe lilubangise e-England ngesonto eledlule futhi sebethelelene amanzi.
“Bengingakaze ngimbone uMark kusukela ngo-Agasti, ngakho-ke ngasekuqaleni kwengxoxo yethu bekuzwakala lokho. Ekugcineni umhlangano wethu uhambe kahle. Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bazokhuluma ngokuthi kube nezinkinga ezijulile phakathi kwethu kodwa mina noMark sinobudlelwano obuhle futhi, anginanxa naye,” kusho uNkwe.
“Sikhulume isikhathi esingaphezu kwehora, sagcina sesihleka. Ujabule ngokuphinde asebenze nami futhi sixoxe kabanzi mayelana nokuthi sengisesikhundleni esizokwenza ngikwazi ukuthi ngimlekelele emsebenzini wakhe, sibambisane ukuze siyise iNingizimu Afrika phambili.
“Ngizomeseka kakhulu ukuze aphumelele ekubeni ngumqeqeshi. Umhlangano wubumuhle futhi ngiyajabula ukuthi sikwazile ukubonana ubuso nobuso ngaphambi kokuthi iqembu lihambe.”
UNkwe uzowajoyina amaProteas e-England kodwa ngeke ahlale nawo kuze kuphele uhambo njengoba kunezinye izinto ezimbhekile esikhundleni sakhe esisha.
Khonamanjalo iqembu labesifazane lamaProteas lizoqala uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa ne-England namuhla ngo-3 ntambama. Elabesilisa lizoqala ngesonto elizayo ngoLwesibili.