INHLANGANO eyengamele ibhola lombhoxo kuleli, iSA Rugby, imemezele uSandile Ngcobo njengomqeqeshi omusha weqembu lakuleli lombhoxo leSevens.
UNgcobo (33) uzongena kulesi sikhundla kulandela ukwesula kukaNeil Powell, oseyojoyina iCell C Sharks. UPowell ushiye ngemuva kweNdebe yoMhlaba esanda kuba seKapa. Wayekade eshilo ukuthi uzoshiya kulesi sikhundla.
UNgcobo ubengumqeqeshi weSA Rugby Sevens Academy waphinde waba yiphini lomqeqeshi weqembu labesifazane lakuleli leSevens, uPaul Delport.
UPhillip Snyman, owayengukaputeni weBlitzbokke, uzoba iphini likaNgcobo. Ubengumqeqeshi weqembu laseGermany, alifake kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa.
Bobabili babeyingxenye yeqembu lamaBlitzbokke elinqobe izicoco zeWorld Sevens Series ngo-2017 nango-2018.
“Ngeke ngikwazi ukuyibonga ngokwanele indlela mina nethimba lami labaqeqeshi elizizwa lithenjwe ngayo ngokunikwa izintambo,” usho kanje uNgcobo.
“Ama-Blitzbokke yiqembu elisezinhliziyweni zethu kakhulu futhi umsebenzi wethu ukuvikela igama laleli qembu siliphakamise.
“Umsebenzi uzoqala ngokushesha njengoba sinomqhudelwano wokuzilungiselela ngempelasonto ezayo, asikho isikhathi sokuhlala.
“Akuyona inhloso yami ukwenza izinguquko ezinkulu; siyakwazi okusebenzayo. Inselelo yokuqala kuzoba wukubheka isikwati esikhona kanye nokuqala amalungiselelo omqhudelwano wethu wokuqala weWorld Series, ozoba seHong Kong ekuqaleni kukaNovemba."
Umqondisi webhola lombhoxo kuleli, uRassie Erasmus, uthe ukuphakama kukaNgcobo noSnyman kukhombisa ukuthi akhona amathuba okukhula kubaqeqeshi bakuleli.
“Bobabili abaqeqeshi bebeyingxenye yeqembu elihlonishwayo lamaBlitzbokke futhi yilokho okubakhuthazayo. Bazokwenza isiqiniseko sokuthi leli qembu liyaqhubeka nokudlondlobala ukuze kusizakale isizukulwane esilandelayo sabadlali,” kusho u-Erasmus.