XOLILE MPISANE
UKUBHEKE ngabomvu ukubuyela enkundleni umdlali weqembu lakuleli lombhoxo lama-Seven, uMfundo Ndhlovu, emuva kokuhlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
UNdhlovu (24) wadlala okokuqala kumaBlitzbokke kwiHong Kong Sevens ngo-2018, wanqoba isicoco seWorld Rugby Sevens Series sika-2017/2018 ngaphambi kokuba alimale.
Wagcina ukudlala eVancouver, eminyakeni emibili edlule ngaphambi kokuqubuka kobhubhane lweCovid-19. Uyingxenye yeqembu lamaBlitzbokke elizogijima kwiMalaga Sevens, eSpain, kule mpelasonto.
“Ngeke ngikwazi ukushintsha okwenzeka esikhathini esidlule, ngakho angibheki emuva kulawo mashwa,” kusho uNdhlovu.
“Ngibheke phambili kuphela nokuthi yimuphi umehluko engingawenza eqenjini.
“UNkulunkulu unecebo lakhe ngathi sonke futhi ngakwamukela lokho. Ngisebenzise isikhathi sokululama ukuzithuthukisa njengomuntu futhi manje sekufike isikhathi sokuziveza enkundleni.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngiphinde ngibe yingxenye yeqembu, ngibambisane nabadlali abanekhono. Akulula ukungena kuleli qembu ngakho-ke ngiyalibonga leli thuba.
"Lenze kahle emiqhudelwaneni yakamuva kodwa ngeke sithembele kulokho, sidinga ukuqhubeka nokulwa uma sifuna ukuphumelela."
Umqeqeshi wamaBlitzbokke, uNeil Powell, ulindele ukuthi ukubuya kukaNdhlovu kube nomthelela omuhle eqenjini njengoba embona engumdlali okwaziyo ukuvula izikhala uma kuhlaselwa.
“Silindele lukhulu kuMfundo futhi sengijahe kabi ukumbona egijima enkundleni. Uzomangaza amaqembu amaningi,” kusho uPowell.
“Indlela aziphatha ngayo iyancomeka, uyakwazi ukunamathela ohlelweni lwakhe uma elimele. Noma eke aphazamiseka kodwa ungumdlali omqoka eqenjini."
AmaBlitzbokke azovula umqhudelwano waseMalaga neScotland ngoLwesihlanu ntambama ngo-2:12, bese edudulana ne-England ngoMgqibelo ntambama ngo-2:17.
Ngeke esabhekana neFiji kweyamaqoqo njengoba kunamalungu aleli qembu atholakale negciwane leCovid-19.