XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weCell C Sharks, uSean Everitt, ubancome kakhulu abadlali bamaBhokobhoko abaseqenjini lakhe ngomfutho abawufakile ngesikhathi behlula iVodacom Bulls ngo-30-16 kwi-United Rugby Championship (URC).
Lo mdlalo obubanjelwe eJonsson Kings Park, ngoLwesihlanu ebusuku ububukelwe ngabalandeli abangu-2 000 enkundleni.
ULukhanyo Am noKerron van Vuuren bashayele ama-try amabili amaSharks, amanye amaphuzu aphuma kuBoeta Chamberlain, okhahlele i-conversion eyodwa namaphenathi ayisithupha.
Ngasohlangothini lwamaBulls, i-try yokubika ishaywe nguDavid Kriel, amanye amaphuzu eza ngekhokho likaMorne Steyn.
U-Everitt unqume ukusebenzisa izihlabani zamaBhokobhoko uSiya Kolisi, Lukhanyo Am noMakazole Mapimpi eqenjini eliqale umdlalo, wafaka nomdlali wabo omusha, uBongi Mbonambi.
Ukholwa wukuthi lawa maBhokobhoko awazange akhombise ukukhathala kodwa kunalokho abegcwele umfutho ekhombisa nokukuthokozela ukuba yingxenye yomdlalo.
“Badlale kahle kakhulu bonke. ULukhanyo Am uqokwe njengomdlali ovelele ekubeni ubedlale imizuzu engu-80 kuyo yonke imidlalo ayidlalele iNingizimu Afrika kulo nyaka,” kusho u-Everitt.
“Okujabulisa kakhulu ngokubuya kwamaBoks, wukuziphatha kwawo. Laba bafana babuye bezilungiselele impela. Balucwaninge lonke ulwazi esasibanike lona ngesikhathi bephesheya kwezilwandle.
“Kube wushintsho oluhle ukubabuyisela eqenjini futhi yilokho ebesikulindele kumaBhokobhoko.
“Siyawuncoma kakhulu umsebenzi owenziwa nguRassie (Erasmus) noJacques (Nienaber) kumaBoks. Sibheke ukuthi laba badlali babe nesikhathi esiningi nentsha yethu futhi bayifundise ukuziphatha ngendlela efanele.
“USiya (Kolisi) udlale kahle imizuzu engu-80. UBongi (Mbonambi) ungene khaxa ngaphandle kwezinkinga, ungafunga ukuthi sekuphele iminyaka eseqenjini lethu.
“Useyisilomo kuleli qembu yize esanamasonto amabili kuphela nathi. Ube nomdlalo omuhle impela.”
U-Everitt uthe abadlali abasanda kubuya kumaBoks bazobanika ikhefu elide. Kulindeleke ukuthi babuyele ekuzilolongeni neqembu ngemuva kukaKhisimusi.
Abanye abadlali bazoqhubeka nokuzilolonga, bathathe ikhefu likaKhisimusi bese bebuya ngoDisemba 27.
Akukacaci namanje ukuthi amaSharks azokwazi yini ukuya e-Europe njengoba kumele abhekane khona neBenetton yase-Italy kolandelayo we-URC okufanele ube ngoJanuwari 8?
Komunye we-URC obubanjelwe eKapa ngoMgqibelo, ama-Emirates Lions adle iDHL Stormers ngo-37-19.
AmaLions akhuphukele endaweni yeshumi kwi-log ngamaphuzu angu-11 emidlalweni emihlanu, amaSharks asendaweni ka-12 ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Iqembu elisaqhwakele iLeinster yase-Ireland, enamaphuzu angu-29 emidlalweni eiyisikhombisa. Emsileni kuvale iZebre yase-Italy, esathathe iphuzu elilodwa emidlaweni emihlanu.