ANGU-70 amazwe azobe emeleke kwi-2022 Comrades Marathon ezosuka eCity Hall eMgungundlovu ngeSonto ngo-5.30 ekuseni iyosongwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-5.30 ntambama.
Bangu-15985 abasubathi abazobe bevela kula mazwe.
Kuzobe kungumjaho ka-95 ukugijinywa futhi uzobe ungumehlela.
Kulo-70, amazwe amahlanu ahamba phambili ngezibalo eziphezulu zabasubathi, ngaphandle kweNingizimu Afrika, yi-United Kingdom, Zimbabwe, India, Eswatini neBrazil.
Amanye ahlanganisa isibalo sangu-10 anesibalo esiphezulu, yi-USA, Australia, Botswana neGermany.
Ameleke kanje la mazwe:
INingizimu Afrika - abesilisa 11431, abesifazane 3025, sebebonke 14456.
United Kingdom - abesilisa 176, abesifazane 44, sebebonke 220.
Zimbabwe - abesilisa 172, abesifazane 38, sebebonke 210.
India - abesilisa 185, abesifazane 24, sebebonke 209.
Eswatini - abesilisa 64, abesifazane 30, sebebonke 94.
Brazil - abesilisa 76, abesifazane 16, sebebonke 92.
USA - abesilisa 61, abesifazane 27, sebebonke 88.
Botswana - abesilisa 67, abesifazane 11, sebebonke 78.
Australia - abesilisa 53, abesifazane 22, sebebonke 75.
Germany - abesilisa 38, abesifazane 14, sebebonke 52.