OWAYENGUMPETHA womhlaba esibhakeleni, uMoruti "Babyface" Mthalane, uyasichitha isicelo sikaphromotha waKwaZulu-Natal obefuna abuyele eringini phezu kokuba esewayekile amankomane.
UMthalane (40), owayengumpetha womhlaba kwi-IBO nakwi-IBF flyweight, ugcine ukungena eringini ngo-Okthoba nyakenye ebhekene noDiomel Diocos wasePhilippines empini yokuvalelisa esibhakeleni ayeyihlelelwe yiMvelo Boxing Promotions eMgungundlovu.
Emuva kwempi watshela abalandeli bakhe ukuthi usezogxila emabhizinisini nasekuthuthukisweni kwabashayisibhakela abasakhula. Nokho ngenyanga edlule, uphromotha uHlula Dladla weHlula Dladla Promotions utshele leli phephandaba ukuthi uzofongqa isigqoko kuMthalane ukuze abuyele eringini okokugcina.
UDladla ubefuna uMthalane abhekane noGcina Makhoba osanda kuwina ibhande le-WBF Junior Bantamweight ngenhloso yokuthi uMakhoba athole isipiliyoni azosidinga njengoba befuna alwele amabhande omhlaba.
"Ungifonelile uDladla onguphromotha omusha eKZN. Ungitshele ngendaba kaGcina Makhoba, wakhuluma ngendlela akhulume ngayo. Ngimtshelile ukuthi ngeke kulunge. Njengoba kade ngilwa ePietermaritzburg ngo-Okthoba bekuyimpi yami yokugcina. Asikho isidingo sokuthi ngibuye ngoba lesi yisinqumo engisithathile. Ngihlale phansi ngacabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngiwaphanyeke emgibeni amagilavu manje," kusho uMthalane.
FUNDA NALOLU DABA: Inkalimeva yesibhakela uGerrie Coetzee yayingahambisani nobandlululo
IKwaZulu-Natal isemkhankasweni wokuvumbulula umshayisibhakela ozohamba ezinyathelweni zikaMthalane, ayiwinele ibhande lomhlaba. Ezimpini ezingu-43, uwine ezingu-40 wehlulwa kwezintathu kuphela. Uzongena emabhukwini omlando wesibhakela saseNingizimu Afrika njengomshayisibhakela ophambilli.
UMthalane uthe uMakhoba akacentelwe eyakhe inyathuko ebheke empumelelweni.
"UGcina Makhoba ngumshayisibhakela omuhle kakhulu. Abazamele yena indlela eya phambili ukuze naye abe ngumpetha womhlaba, hhayi ukuthi bafune ngiyolwa naye, ngiphazamise umntwana naye ezizamela. Ziningi kakhulu izimbangi. Abamkhuphule uGcina Makhoba ayimele iKZN, hhayi ukuthi bafune ngiyolwa naye," kusho uMthalane.