UKHALE ngabazama ukucekela phansi iqembu ngezinsolo “ezingenasisekelo” umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber.
AmaBhokobhoko ahlule i-Argentina ngo 36-20 emdlalweni weRugby Championship obuse-Estadio Libertadores De America ngoMgqibelo ebusuku.
Abaphathi bawo bebesanda kubhula umlilo osuswe ukuthi umdlali wawo, u-Elton Jantjies, ne-dietician yeqembu, uZeenat Simjee, bakhululiwe ekhempini ngemuva kwezinsolo zokuthi bayathandana.
Ngaphambi komdlalo ne-Argentina, kuvele ezinye izinsolo zokuthi kukhona amalungu eqembu lamaBhokobhoko adla isidakamizwa i-cocaine.
NgoMgqibelo inhlangano eyengamele ezombhoxo kuleli, iSA Rugby, ikhiphe isitatimende izibiza ngamampunge lezi zinsolo. Igcizelele ukuthi awukho umbiko othintana nalokhu ovela enhlanganweni ehlola abadlali, iSouth African Institute for Drug Free Sport.
UNienaber uthe ukuputshuka kwalezi zinsolo sekusondele ukuthi badlale umdlalo obucayi nePumas eBuenos Aires kucishe kwaliphazamisa iqembu.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi ngubani obehlele ukuphazamisa iqembu ngezinsolo zalolu hlobo sekusele amahora amahlanu kuqale umdlalo kodwa bekungekho ebesingakwenza," kusho uNienaber kwabezindaba.
"Ngincoma abadlali ngokuziphatha futhi bakhombise ukuqina ngokomqondo.
“Zingimangazile lezi zinsolo ngoba siyahlolwa njengawo wonke amaqembu. Kwesinye isikhathi sihlolwa kathathu ngesonto eNingizimu Afrika.
“Akekho noyedwa umdlali otholakale nezidakamizwa nanoma yini engavumelekile kulo nyaka. Kusidumazile impela."
Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, naye ubathulele isigqoko ozakwabo ngokugxila emdlalweni noma kunzima, bakhohlwe okwenzeka ngaphandle.
AmaBoks ne-Argentina bangene emdlalweni wangoMgqibelo bazi ukuthi kufanele bayinqobe yomibili imidlalo yabo esele ukuze babe sethubeni lokuphakamisa indebe.
"Ukuza e-Argentina sinqobe umdlalo size sithole nephuzu eliyibhonasi kusho lukhulu," kusho uKolisi. “Bekunzima kithina njengeqembu, kodwa bekumele sibambisane.
"I-Argentina idlale kahle impela futhi besazi ukuthi kuzoba yimpi enzima. Ngiyaziqhenya ngendlela esilwe ngayo kwaze kwaba sekugcineni.
“Besihlose ukuthatha amaphuzu aphelele futhi yize umdlalo ushintshile besikholwa wukuthi singayithola iwini uma siwasebenzisa futhi amathuba ethu.
“Abaqeqeshi bayakholelwa kithina, nathi ngokunjalo, futhi sinezifiso eziningi. Ngizwile ukuthi asethengwe wonke amathikithi omdlalo waseThekwini futhi sikubheke ngabomvu ukudlala lo mdlalo omkhulu ekhaya."
INew Zealand iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-14 ngemuva kokuguqisa i-Australia ngo 39-37 eMelbourne ngoLwesine.
AmaBhokobhoko asendaweni yesibili, nawo ngamaphuzu angu-14, alandelwe amaWallabies ngawu-10 , i-Argentina isemsileni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Kuzocaca ngoMgqibelo ukuthi yiliphi iqembu elizodla isicoco seRugby Championship uma lo mqhudelwano ususongwa.
Elakuleli lizodlala nePumas eHollywoodbets Kings Park, eThekwini, ama-All Blacks namaWallabies abhekane e-Eden Park e-Auckland.