UYABALISA uKetho Sibisi, ongumqeqeshi kaThema Zuma ongumpetha webhande lakuleli leSuper Bantamweight, ngophromotha ababatshela ngemizuzu yokugcina ngokubhuntsha kwemiqhudelwano okusuke kuhlelwe ukuthi balwe kuyo.
UThema bekumele avikele ibhande lakhe kuBathabile Ziqubu waseDundee, ngeSonto eVryheid, ezimpini ebezihlelwa yiStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga.
Impi yosuku beyizoba phakathi kukaBongani Mahlangu waseGauteng, obezovikela elikazwelonke leSuper Bantamweight ku-Innocent Mantengu waseMtubatuba.
Ngalo mqhudelwano bekuhloswe ukuhlonipha nokuxhasa umndeni kaSimiso "Gandaganda" Buthelezi owashona maphakathi nonyaka ngenxa yokushayeka kabuhlungu ekhanda evikela ibhande le-WBF All Africa Lightweight kuSiphesihle Mtungwa.
USibisi uthe okubuhlungu wukuthi baziswe ngoMsombuluko (kuthangi) ngokuhlehliswa kwezimpi zaseVryheid.
NoThema ucashunwe ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngalokhu kuhlehliswa kwalezi zimpi.
Ubalise ngokuthi ophromotha kabanandaba namabhokisa, bayakhohlwa ukuthi basebenzisa imali eningi uma belungiselela izimpi.
"Ibuhlungu le nto esiyenziwa ngophromotha, sicela bayiyeke. Asisho ukuthi izingqinamba aziqhamuki kodwa sicela bangasitsheli ngezinsuku zokugcina ngokubhuntsha kwezimpi. Buka nje kule mpi kaThema sisebenzise imali eningi siziqeqesha. Imimoya yethu iphukile ngendlela engachazeki," kubeka uSibisi.
Kuzokhumbuleka ukuthi nezimpi zeLudonga Boxing Promotions ebezisemasontweni edlule nazo beziqale zahlehliswa. Bezilandela ezeDMZ Sotobe Boxing Promotions nazo esezidume ngokubhuntsha nokuhlehla ngemizuzu yokugcina.
Kuthintwa uMalinga, uveze ukuthi isizathu sokuhlehliswa kwalo mqhudelwano kube wukuhoxa kweSABC ekusakazeni bukhoma lo mqhudelwano.
"UMasipala waseZululand bewuthembise ukusixhasa uma lezi zimpi zizoboniswa bukhoma kwa-SABC. Kuthe uma i-SABC ihoxa sabona ukuthi ngabe kasibenzi ubulungiswa kumasipala. Bewuthembise nokuxhasa umndeni kaSimiso.
“Bengingawenza umqhudelwano ngemali yami. Inkinga wukuthi bekuzozuza amabhokisa aphilayo bese umndeni kaSimiso usale kanjalo. Noma ngingakabi nosuku oluqondile kodwa sihlela ukuthi lezi zimpi sizenze ngasekupheleni kukaJanuwari. Sizobe sesixoxe kahle ne-SABC.
“Ngixolisa kakhulu kumabhokisa, abaqeqeshi nabo bonke abebezoba yingxenye yalezi zimpi. Ngiyakuqonda ukudinwa kwabo, bathathe isikhathi sabo eside belungiselela lo mqhudelwano. Nami bekuyisifiso sami ukuthi babe namaholidi amnandi," kubeka uMalinga obuye abe wusihlalo weNational Professionals Boxing Promoters Association.
Ephawula ngokwanda kwemiqhudelwano ebhuntshayo nehlehliswayo, uthe: "Yiqiniso ukuthi iningi lo phromotha abamnyama kabanamali, bancike ekuxhasweni wuhulumeni. Ngokuhamba kwesikhathi sethemba ukuthi izinto zizolunga njengoba kubuya ne-SABC.“