SITHEMBISO MKHIZE
UZIBONA engakwazi ukungena eqenjini elizomela elakuleli kuma-Olympic Games, uZakithi Nene, ojabulise abathandi bezokusubatha baKwaZulu-Natal enqoba indondo yegolide ku-400m kuma-ASA Senior Track and Field +Combined Events & 20km Championships aphothulwe ePitoli ngempelasonto.
Kulo mqhudelwano obushisa phansi, uZakithi oqeqeshwa uVictor Vaz, ushaye intambo ngesikhathi esiwu-45.54. Isibili sithathwe uLottering Darll wasesifundeni i-Eastern Province Athletics (EPA) noConrade Pieter we-Athletics Central Northwest (ACN).
Ama-Olympics azokuba seTokyo, eJapan ngoJulayi. Isikhathi esibekelwe ukungena kuma-Olympics ka-2021 ku-400m u-44:90.
UNene utshele Isolezwe ukuthi ukunqoba indondo ezingeni likazwelonke kungenye yempumelelo angasoze ayikhohlwa empilweni yakhe.
"Ngibonga kakhulu kumqeqeshi wami nasemndenini wami ngokuhlale bengeseka. Ukunqoba emqhudelwaneni obusePitoli, ngishiya abantu abafana noLottering noPieter kuyinto enkulu kimina. Ngicabanga ukuthi siyiKwaZulu-Natal kukhulu ebesingakwenza kodwa sizamile. Ingijabulisile indlela esidlale ngayo. Njengamanje isifiso sami ukumela izwe lami kuma-Olympics. Nomqeqeshi wami nabobonke abangiphethe sisazohlala phansi sibone ukuthi lokhu sikuhlela kanjani. Ikusasa liyakhanya kubasubathi bakithi, isifiso ukubona abasubathi baKwaZulu-Natal begcwala emaqenjini esizwe. Ngithanda nokubongela uMathanga (Mbuleli) nabanye ngobungcweti abutshengisile enqoba ku-10 000m," kuchaza uNene.
Lo msubathi odabuka eMnambithi uhambela phezulu kulezi zinsuku kulandela ukuthi eqokelwe eqenjini lesizwe le-relay eliya kumaWorld Athletics Relay ePoland angoMeyi 1-2.
"NasePoland ngithembisa ngokuqhubeka nokusebenza kahle. Kuzoba nzima, kodwa ngizolwa, kungamane kunqamuke izinyawo.“
USteve Mkasi ongumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uthe beyithimba bajabule kakhulu.
"Lesi yisiqalo, kukhulu kuyeza. Sisazohlangana sibone ukuthi abasubathi bethu sibajabulisa kanjani. Kumele sivumelane ngokuthi sibakhuthaza kanjani, siyaziqhenya ngabo. Sifisa ukuthi babe khona abazomela elakuleli kuma-Olympics,“ kubeka uMkasi.
Abanye abanqobile:
100m (M): Akani Simbine
100m (W): Reabetse Moloi
200m (M): Wayde van Niekerk
200m (W): Justine Palframan
400m (W): Deline Mpiti
400mh (M): Le Roux Heimman
400mh (W): Wenda Nel
800m (M): Tshepo Tshite
800m (W): Prudence Sekgodiso
500m (M): Precious Mashele
500m (W): Caster Semenya
10 000m (W): Glenrose Xaba
10 000m (M): Mbuleli Mathanga