Sibusiso Mdlalose
OYISIHLABANI se-wheelchair tennis, uKgothatso Montjane, uthembisa ukuvuka azithathe ngemuva kokwehluleka ukubuya nendondo kumaTokyo Paralympics, adlalelwa eJapan.
UMontjane obethwelwe ngeqoma ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelelwano wabaphila nokukhubazeka, ubuya elambatha nje abanye ozakwabo kwezinye izinhlobo zemidlalo babuye nezindondo zegolide, isiliva ne-bronze.
Phakathi kwabo kubalwa u-Anrune Weyers, Sheryl Jones noLouzanne Coetzee abazuze igolide, i-bronze nesiliva ngokwehlukana emkhakheni wezokusubatha kwabesifazane.
Kwathi uNtando Mahlangu noPieter du Preez benza into yamehlo bezuza amagolide kwezokushova amabhayisikili ne-long jump ngokwehlukana emkhakheni wabesilisa.
UMontjane (34), odabuka eSeshego, eLimpopo, obeboshelwe nomlingani wakhe Mariska Venter kwi-women's doubles behlulwe uLucy Shuker nomlingani wakhe uJordanne Whiley base-England.
Kwathi ngoMsombuluko wawuqeda ngenothi eliphansi lo mqhudelwano ekhala ngaphansi ngo 6-2, 6-3 kuZiying Wang emzuliswaneni wesibili wama-singles (abadlala ngabodwana).
Ecashunwa enkulumweni eqoshwe yiTeam SA, uMontjane, uthe:
"Ngiphoxekile, kodwa njengomdlali kufanele wazi ukuthi ngeke uhlale unqoba. Bekunzima, ngibhekene nomuntu engingamazi, namaqhinga akhe ngingawazi.
“Ngizobuyela emuva ngiyolungisa amaphutha, ngiqhubeke nokulungiselela umqhudelwano olandelayo," kusho uMontjane, othe ukuthokozele ukumela izwe lakhe kumaParalympics.
Lo mdlali we-wheelchair tennis manje usebhekise amabombo eNew York, e-USA, ukuyoyibamba kwiGrand Slam yokugcina yakulo nyaka, i-US Open.
Kulo mqhudelwano omkhulukazi we-tennis emhlabeni, owomkhakha we-wheelchair tennis uzoqala ngoSepthemba 9, ngemuva kokusongwa kwamaParalympics asongwa ngoSepthemba 5, ngoMgqibelo.