UTHUSWE yizinga eliphezulu agijime ngalo uStephen Mokoka eshaya intambo kwiSanlam Cape Town Marathon ebigijinywa ngeSonto ekuseni.
Lo mgijimi, ongaphansi kweBoxer AC, ushaye intambo ngo-2:10.01, isibili kube uGebru Redagne wase-Ethiopia (2:10.24) kwathi isithathu kwaba uTebello Ramakongoana waseLesotho (2:10.24).
Kwabesifazane kunqobe uLydia Simiyu waseKenya (2:25.44), isibili kwaba umkhaya wakhe, uLucy Karimi (2:25.56), indawo yesithathu yathathwa ngu-Aynalem Tefeti wase-Ethiopia (2:26.12).
Intokazi yakuleli, uGerda Steyn, iphume isine (2:26.25). Umpetha wesilisa nowesifazane bahlomule ngo-R200 000 ngamunye. Ophume isibili uthola u-R100 000 kwathi isithathu abelwe u-R50 000.
UMokoka, owanqoba lo mjaho nango-2018, ukhale ngemvula ebagijimise kabuhlungu.
"Isihlukumeze kakhulu imvula, beyilokhu ima iphinda iqale phansi. Phezu kwalobu bunzima, ngiyajabula ukugijimela kwelakithi eNingizimu Afrika nanokunikwa leli thuba. Ngibonga kakhulu kubahleli beCape Town Marathon, i-Asa (Athletics South Africa) nekilabhu yami, iBoxer. Isifiso sami ukuthi uhulumeni azivule ngokuphelele ezokusubatha.
“Ngichazekike ngezinga lokuncintisana engilibonile. Ukuqhudelana nabasubathi abanejubane kungigqugquzela ukunyusa izinga. Kwenzeka nangezikhathi ezinhle. Engithanda ukumbongela kakhulu uMelikhaya (Frans), wenze kahle kakhulu. Ingimangazile indlela agijime ngayo sekusele amakhilomitha amabili kufikwe entanjeni. Ngifikelwe amandla ayisimanga phezu kokuba imvula ibingazibekile phansi," kubeka uMokoka kwithelevishini ngemuva komjaho.
Insizwa yaKwaZulu-Natal, uBonginkosi Zwane wePhantane AC, iphume kweyesi-21 (2:16.00). Lo msubathi ubemele lesi sifundazwe kuma-ASA Marathon Championship abeyingxenye yeCape Town Marathon. UNkosikhona Mhlakwana weMaxed Elite ugcine elale kweyesi-22 (2:16.33) kwathi uPhilani Buthelezi waphuma kweyesi-23. Ubambane noMhlakwana ngesikhathi. Zonke lezi yizinsizwa zaseKZN. Abayishumi bokuqala kwiCape Town Marathon bami kanje:
Abesifazane:
Lydia Simiya (02:25.44), Lucy Karimi (02:25.56), Aynalem Teferi (02:26.12), Gerda Steyn (02:26.25), Beje Bekelu Geleta (02:29.13), Esther Macharia (02:29.17), Alana Armas (02:35.07), Sinke Biyadgilgn (02:35.57), Pulane Matsepe (02:40.46), Nontokozo Mkhize (02:41.21).
Abesilisa:
Stephen Mokoka (02:10.01), Gebru Redagne (2:10.17), Tebello Ramakongoana (02:10.24), Belachew Ameta (02:10.40), Alex Saekwo (02:10.59), Melikhaya Frans (02:11.28), Isaac Mpofu (02:11.41), Siboniso Sikhakhane (02:11.49), Wubshet Jote (02:12.30), Ngondizashe Ncube (02:12.49),