UNGQONGQOSHE wezeMidlalo nobuCiko KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela, ubalule ukubaluleka kwesithunzi samabhokisa eyodlulisela izinsiza zokujima emajimini ahlukene ngempelasonto.
UMavimbela ubekhuluma KwaNongoma ngesikhathi eyodlulisela izimpahla zokuziqeqesha zesibhakela kubaqeqeshi besibhakela abaphuma emajimini angu-10 kwangu-15 akulesi sifundazwe ngoMgqibelo. Lo mcimbi obukade useNongoma Inn, ubuhanjelwe nayizingwevu zesibhakela u-Elijah "Tap Tap" Makhathini noThulani "Sugarboy" Malinga owaba ngowokuqala eMzansi ukuwina ibhande le-World Boxing Council (WBC).
UMavimbela uqoke ukuwenzela KwaNongoma lo mcimbi ngenhloso yokuhlonipha uphromotha ongasekho uThulani Magudulela weLudonga Boxing Promotions, wakhona eHlalankosi obezinikele ethuthukisa ezamankomane kule ndawo.
UMagudulela ushone kulo nyaka ngemuva kokugula isikhashana.
Phakathi kwezinsiza uMnyango onikele ngazo kukhona ama-puching bag, amagilavu, ama-pads, gumshield nokunye.
"Silapha ukuzobuyisa isithunzi nokuzethemba kubashayisibhakela bakithi, ophromotha nabaqeqeshi. UNdunankulu (uSihle Zikalala) usinikeze umsebenzi ngokuthi nakuba lona kuwumnyango wezeMidlalo nezokuNgcebeleka kodwa kubonakala sengathi ezemidlalo zigxile ohlobeni oluthize lwezemidlalo, zishiye ngaphandle olunye. Ubeke eqhulwini isibhakela ne-karate. Wengeza ngekhilikithi nombhoxo. Kodwa esho lokho engasho ukuthi lena ekhona esiyibonayo sisenza kahle kuyona kufanele ifadabale kodwa ayidlondlobale," kusho uMavimbela.
"Ezamankomane zingomunye wemidlalo othi uma ngabe wenziwe kahle abantu bakhona bekwazi ukuphila impilo ngisho sebeyekile ukungena eringini. Yingakho sithi ngeke sikwazi ukuba nobuhlakani obungaphezu kwesingabuthola kubaba uTap Tap nakubaba uMalinga abebekade beseringini. Sithe uma sizulazula sazibona izinselelo ukuthi ziningi. Sibonile ukuthi azikho izakhiwo okufanele bazisebenzise uma beziqeqesha. Ngaphezu kwalokho, azikho nezinto okufanele bajime ngazo. Abanye basebenzisa amasaka afakwe inhlabathi kube yi-punching bag. Uyabona ukuthi bungakanani ubuhlungu ibhokisa elibhekana nabo ngoba umqeqeshi eqonde ukukhipha uhlobo lomshayisibhakela esilulindele. Sibonile ukuthi njengoMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka kubalulekile ukuthi singenelele."
UNgqongqoshe uphinde waphakamisa ukuthi, ngesikhathi kusalindwe ukwakhiwa kwezakhiwo zokuziqeqesha, amabhokisa awazisebenzise izakhiwo zomasipala ezinjengamahholo omphakathi.
"Ezinye izinselelo esizibonile wukuthi bakhona abanentshisekelo (yesibhakela) kodwa izindawo zokuziqeqesha asinazo ngempela. Ayikho into ebuhlungu njengokweswela indawo yokujima ngoba iyona eshoyo ukuthi uzophuma ubengumuntu onjani. Indawo yokujima ilekelela ekutheni uthole nabaxhasi. Uma ungenayo indawo yokujima esezingeni kwenza ubukeleke phansi," kusho uMavimbela.
Omunye wabaqeqeshi abahlomulile, uSimangenduku Magwaza waseMandeni uthe basizakele kakhulu.
"Lezi zinsizwa zizosilekelela kakhulu. Bheka nje besingasenawo ngisho amagilavu. Besingasenalutho. Kodwa manje isimo sizobangcono kakhulu. Kodwa inkinga esibhekene nayo kakhulu eyendawo yokujima," kusho uMagwaza.