UFUNA izimpendulo umndeni womgijimi, uMbuleli Mathanga okuvukwe izolo ngezindaba zokuthi udlule emhlabeni ngemuva kokulimala kanzima.
UMathanga (29) ubesezakhele igama kulona lonke lakuleli ngenxa yokuhlale enqoba. Nakuba ebesanda kufika kulo mdlalo kodwa ubesemele elakuleli enqwabeni yemiqhudelwano yomhlaba.
Ubesanda kunqoba iTotalsport Two Oceans ebangeni lika-21km. Uke waba ngumpetha amahlandla amabili ku-10 000m kuzwelonke.
UMdu Khumalo wePhantane AC abengaphansi kwayo, utshele Isolezwe ukuthi uMathanga obedabuka eNtambanana, eMpangeni, ushone ngoLwesithathu ebusuku endlini abeqashe kuyo eMayekeni, eNdwedwe. Uthe ngokombiko abawutholile ube nokuhilizisana nowesifazane okuthiwa ubethandana naye.
Le ngxabano iholele ekutheni bashayane bagcine bobabili sebelimele kanzima.
"Thina endaweni yesigameko sifike uMbuleli esethule. Isimo sakhe emzimbeni besingesihle. Kulukhuni ukwanda ngalolu daba ngoba selusezandleni zamaphoyisa. Aseluqalile uphenyo. Angazi nokuthi ngithini, kumina uMbuleli ubesefana nengane yami aphinde abe umfowethu.
“Sife olwembiza. Besinezinhlelo ezinkulu ngaye. Ushona nje, ubezogijima i-marathon yakhe yokuqala. Ubezosubatha iCape Town Marathon. NangeSonto ubengomunye wabebezogijima iHollywoodbets Durban 10km.
“Uhambe kahle mfwethu, uyibekile induku ebandla. Uzohlale ukhona ezinhliziyweni nasemiqondweni yethu. Ngithi dudu emndenini wakhe, silahlekelwe sonke," kubeka uKhumalo.
UBheki Cebekhulu onguyise kaMathanga, utshele Isolezwe ukuthi bafuna kwenziwe ubulungiswa ngokushona kwendodana yakhe.
"Siyabona nje sekuzanywa ukushintshwa kwembangela yokushona kwendodana yami. Sekunemibiko ethi izilengisile. NgoLwesithathu ebusuku wasifonela wasitshela ukuthi ulimele, uyopha kanzima, ushaywe intombazane.
“Sifuna izimpendulo ngokushona kwengane yethu. Sizoyeka amaphoyisa enze umsebenzi wawo," kubeka uCebekhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukushona kwalo mgijimi.
"Amaphoyisa aseNdwedwe avule idokodo ngesigameko esenzeke ngo-Agasti 30, 2023. Kusolakala ukuthi owesilisa utholakale elenga ezikhungile endlini yentombi yakhe. Ubezikhunge ngentambo yamateku okugijima, enenkebeke yengozi esiphundu," kusho uNetshiunda.
UMandla Mngomezulu oyisekela-mengameli weKwaZulu-Natal Athletics ubhonge emswaneni ngokudlula kukaMathanga.
"Ngithi awududuzeke umndeni kaMbuleli. Singabathandi bomdlalo wezokusubatha silahlekelwa. Ubeyimbali yeNingizimu Afrika eqhakazile. Ubeyisibonelo kubasubathi abasakhula.
“Bewazi ukuthi uma ubophele yena kuzojuluka amadoda. Besimfakile naseqenjini ebelizomela lesi sifundazwe kuma-SA Cross-Country Championships, eGqeberha. Sisazohlangana nomndeni wakhe ukuze sibonisane ngezinhlelo zakho konke," kubeka uMngomezulu.