XOLILE MPISANE
OWAYENGUMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin 'Micho' Sredojevic, usamile ekuphikeni amacala okunukubeza ngokocansi inkantolo emlahle kuwona ngoLwesibili.
INkantolo yesiFunda yaseGqeberha imthole enecala ezigamekweni ezimbili zokuhlukumeza. Ube esefaka isicelo sokuphikisa isinqumo, esivunyiwe yinkantolo.
USredojevic owashiya isigubhukane iPirates ngo-2019 ngemva kwamasizini amabili, kuthiwa wakhuluma amazwi angafanele waphinde wathinta owesifazane owayesebenza eWolfsons Stadium okwakubanjelwe kuyona imidlalo yeCosafa Cup. UMicho wayeqashwe njengomqeqeshi weZambia ngaleso sikhathi.
Ugwetshwe iminyaka emithathu icala ngalinye kodwa isigwebo silengiswe iminyaka emihlanu uma engaphindi alahlwe yicala elifanayo.
Lo mqeqeshi ohola iqembu lesizwe lase-Uganda, ukhiphe isitatimende izolo ekuseni lapho ebephika khona amacala.
"Ngikhipha lesi sitatimende ukuze ngichithe ngokuphelele futhi ngiqede imibiko engafanele ethi ngiboshiwe eNingizimu Afrika. Le mibiko iyingxenye yamaqhinga abantu abanonya futhi abazimisele ngokusebenzisa zonke izindlela ukuze bangcolise igama lami," kusho uSredojevic kulesi sitatimende asifake ekhasini lakhe kwi-Twitter @michocoach izolo ekuseni.
"Ngifuna kucace ukuthi yize noma ngisola ukuthi leli cala liyitulo lokungcolisa igama lami kodwa ngikhethe ukuzithoba ngilandele zonke izinhlelo zezinkantolo zaseNingizimu Afrika ngoba ngingumuntu owuhloniphayo umthetho.
"Ngisebenzisene ngokugcwele neziphathimandla yize noma ngazi ukuthi kukhona abahlose ukungihlasela. Bengazi ukuthi ngimsulwa nokuthi inhloso yalezi zinsolo ukungicekela phansi. Ngiyaphinda nanamuhla ngithi anginacala.
"Ngisakholelwa ohlelweni lwezobulungiswa lwaseNingizimu Afrika. Sengihlale iminyaka eminingi e-Afrika, ngiyayihlonipha futhi ngiyithatha njengengxenye yami. INingizimu Afrika iyizwe engilithanda kakhulu futhi ngizithatha njengesakhamuzi saleli zwekazi elihle lase-Afrika.
"Noma inkantolo ikhiphe isigwebo esilengisiwe ngibone kufanele ukuthi ngisiphikise lesi sinqumo engisibona siyiphutha. Ukuvunyelwa kwalesi sicelo kuvuselela ithemba lami ohlelweni lwezobulungiswa lwaseNingizimu Afrika.
"Isinqumo sami sokufaka isicelo sokuphikisa lesi sinqumo sihambisana namazwi eMantshi ethe kungenzeka enye inkantolo iphume nesinqumo esihlukile. Kunezigebengu ezenza ububi obunyantisayo nsuku zonke futhi izinsiza zoMbuso kufanele zisetshenziswe ngendlela efanele ukuthi zibhekane nazo, hhayi abantu abangenacala,“ kuqhuba lesi sitatimende.
Ubonge abamesekile ngalesi sikhathi. Imibiko eqhamuke e-Uganda ithe inhlangano eyengamele ibhola kuleliya lizwe, iyamamukela uMicho ukuthi azoqhubeka nomsebenzi wokuhola iqembu lakhe njengoba ebecele ikhefu lokuvela enkantolo.