NAKUBA uNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana engafuni ukuyifaka ekhanda imibono yalaba abamthipha njengomunye wabazokwenza kahle kwiComrades Marathon kodwa uyakuvuma ukuthi indlela alungiselele ngayo lo mjaho, imvumela ukuthi ahlabane ngendondo yegolide.
Lo msubathi weHollywoodbets AC, waKwaMathandubisi, eHowick, ungomunye wezinkulungwane zabagijimi ezizoyibamba kwiComrades, ezobe yehla, isuka eCity Hall, eMgungundlovu, iphelele, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Agast 28. Ibanga lomjaho lingu-89km.
Ukushisa kwalo mgijimi kulo nyaka, ephuma isibili kwiTwo Oceans 56km Marathon (03:09:08) nokunqoba neminye yamabanga amade, sekwenze abanye bambona njengomunye ongase angene kwabahlanu abaphambili.
Ngo-2019, iComrades egcine ngawo ukugijinywa ngenxa yeCovid-19, uMhlakwana owayeqala ngqa ukuyisubatha, wamangaza abaningi ephuma indawo yesi-11.
Nakhona ukube akashayangwa ukuphelelwa amandla ngabe kukhulunywa ukuthi waqopha umlando wangena kwi-Top 10.
Lo mgijimi ocijwa uqweqwe lomgijimi, uProdigal Khumalo, utshele Isolezwe ukuthi empeleni usewaqedile amalungiselela ale ngqophamlando yomjaho.
Ubonge wanconcoza kwiHollywoodbets AC (Athletic Club) ngokumenzela ikhempu eLesotho, athe ihambe kahle kakhulu.
"Ikhempu yaseLesotho beyishube kakhulu. Ukulungiselela iComrades bekuhlukile, bekungafani njengoba kade ngihlelela iTwo Oceans. Kulokhu bengihambe nomqeqeshi uProdigal Khumalo obeqaphe ngelokhozi konke ebengikwenza. IComrades ngiyilungiselele amasonto ayisikhombisa," kubeka uMhlakwana.
Ebuzwa ngemibono yalabo abamthipha njengomunye wabazokwenza kahle kulo nyaka uthe: "Imibono yabantu ngiyayihlonipha kodwa kwesinye isikhathi ibuye ibe yingozi. Yimina engazi indlela engijime ngayo nomzimba wami. Angifuni ukuzifakela ingcindezi ngokuthi ngizophuma unombolo bani. Engingakusho ukuthi ngijime ngendlela ezonginika indondo yegolidi. Ngijime ngendlela yokuthi kulo nyaka ngifuna ukwenza isikhathi esingcono nokulala indawo enhle kuneyango-2019.“
Ugcizelele ukuthi okwamehlela ngo-2019, ngeke kuze kuphinde.
"Lokhuya kuwa okwenzeka kimina sekumele ngiqede ngo-2019, ngeke kusenzeka. Konke lokho kulungisiwe. Ngiyacabanga ukuthi abantu babona ukuthi sengiqine kanjani ngesikhathi ngilala isibili kwiTwo Oceans. KwiComrades kuzoba nzima njengoba kuzoba kungeyokuqala kimina kwehliwa. Ngizobe ngibhekene nezinyamazane zamazwe ngamazwe. Engikujabulelayo ukuthi ngesikhathi siziqeqesha besigijima ezindaweni ezehlayo nezenyukelayo.“
Ngo-2019, kwabesilisa, intambo yashaywa u-Edward Mothibi (5:31:33), kwabesifazane, kwaba uGerda Steyn (5:58:53).