SITHEMBISO MKHIZE
UMENGAMELI omusha weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uSteve Mkasi, ufuna kukhonye abasubathi bakulesi sifundazwe emaqenjini esizwe amela elakuleli emiqhudelwaneni yomhlaba.
UMkasi (osesithombeni) ongomunye wabasunguli bePhuma KZN AC, uqwaqwade emakhandaba uKhura Buthelezi, Patrick Hlongwane no-Ayanda Mngadi okhethweni lobuholi obelungempelasonto, eCoastal Hotel, eThekwini.
Bese kusekuphele iminyaka emithathu iKZNA ingenabo ubuholi selokhu i-Athletics South Africa (ASA) yakhomba indlela obabuholwa uSello Mokoena.
Izintambo bezibanjiswe umxazululi ozimele, uJay Reddy.
UMkasi ucele ukubambisana kwakhethwe nabo esigungwini esiphezulu seKZNA. Uthe ukwesekwa yibo kuzokwenza lesi zifundazwe sibalwe nezihamba phambili kuleli.
"Ngizizwa ngihloniphekile ngokukhethelwa esikhundleni sokwengamela iKZNA. Ngaphandle kozakwethu kangilutho, ngicela sibambisane. Ngifuna isifundazwe sethu sibalwe nezifana ne-AGN (Athletics Gauteng North), CGA ( Central Gauteng Athletics) neWPA (Western Province Athletics). Ngifuna ukuthi kukhonye abasubathi bethu emaqenjini esizwe.
"Kungiphatha kabi ukuthi izwe elifana ne-Australia, elinesibalo sezakhamuzi aziwu-26 million likumazwe ahlonishwayo kuma-Olympic Games, bese kuthi elethu elinabantu abangaphezu kuka-50million lingabalwa ndawo. Lokhu kumele kushintshe. Sizokuqala khona lapha KwaZulu-Natal," kusho uMkasi.
Emasontweni edlule, lesi sikhulu sathi uma singakhethwa singaqala ngokuvula kabusha inkulisa (Academy of Excellence) okumele kuphele izinyanga eziwu-18 seyikhona.
Okunye akubalula ukuthola abaxhasi nokuphathwa kahle kwezezimali.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo eKZN, uHlengiwe Mavimbela, umfisele inhlanhla uMkasi nazohola nabo iKZNA.
Uphinde wabonga noReddy ngokubamba ngobuchule le nhlangano.
Esigungwini esisha esizosebenzisana noMkasi kukhona iphini lakhe, uMandla Mngomezulu, usihlalo wabagijimi, uMartin Ngwenya, obhekele i-Cross Country uSabelo Ndlovu, owemijaho yasemgwaqweni uRay Khanyile. Imidlalo ye-Track and Field yona ibhekwe uKhura Buthelezi.
Amalungu engeziwe u-Anand Naicker, Thozamile Mazibuko, Simon Dlamini noPat Hlongwane.
Iphini likasihlalo wabagijimi uSandile Mthembu, eleCross Country uSimphiwe Zulu, elemijaho yasemgwaqweni uMandla Makhathini, eleTrack and Field uNgane Nxumalo.
Amanye amalungu angeziwe uSiyabonga Nkonde, Mduduzi Khumalo noThembelihle Khanyile.
Unobhala wekomiti le-Cross Country ngu-Adelaide Xulu.
Amalungu angeziwe u-Alen Hattingh, Busi Dlamini, Jessica Khomo noWillie Majombozi. Unobhala wekomidi lemijaho yasemgwaqeni uLani van der Mescht.
Amalungu engeziwe uWelcome Mteto, Jabulani Gumbi, Maxwell Ncane, Sipho Mkhathini, Nana Nxumalo noKitty Konar.
Unobhala wekomiti le-Track and Field, uMangethe Zwane. Amalungu engeziwe uCelinhlanhla Zungu, Riaan Vosloo, Vusi Nxumalo, Mduduzi Vilakazi, Elias Mkhize noThula Ntshangase.