U-ALEX Mchunu, onguyise womshayisibhakela, uThabiso "The Rock" Mchunu, ubona lizofezeka iphupho leminyaka lokuthi indodana yakhe ihlabane ngebhande leWorld Boxing Council (WBC) eliyinyama emhlabeni jikelele.
NgoMgqibelo ebusuku, uThabiso wehlule ngamaphuzu u-Evgeny Tishchenko waseRussia empini ebikade iseRCC Academy. Amajaji womathathu avumelene ngokuthi uThabiso unqobile, ehlulela impi ngo-117-111, 119-109, 117-111.
Ngalokho uvikele ngempumelelo ibhande le-WBC Silver Cruiserweight, wahlabana nangethuba lokulwela ibhande leWBC Cruiserweight eliphethwe yimbangi yakhe endala u-Ilunga Makabu waseDemocratic Republic of Congo(DRC). UThabiso wakhala ngaphansi kuMakabu ngo-2015, empini yokuhlunga owayezolwela i-WBC noTony Bellew wase-United Kingdom.
"Kuzofezeka iphupho lami leminyaka lokuthi awine ibhande le-WBC. Ngamtshela ngalo eneminyaka engu-10 ephuma ukuyomela iNingizimu Afrika kuma-amesha ukuthi uzoba ngowesithathu kuleli ozowina ibhande leWBC ngemuva kukaThulani "Sugarboy" Malinga noDingaan Thobela. Wayesevele engumpetha waKwaZulu-Natal. Ngiyakholwa ukuthi uzosiwina isicoco. Uma kungagcina kwenzeka lokho, kuyothi noma uNkulunkulu engikhumbula, ngilale ngijabule," kusho uMchunu.
Esaqeqeshwa nguMchunu, uThabiso wawina ibhande leSA Cruiserweight empini yakhe yesine engene esibhakeleni esikhokhelayo. Emuva kwalokho ufudukele eGauteng lapho esecijwa khona nguShaun Smith weSmith's Gym.
Mayelana nempi ezayo kaThabiso noMakabu, uMchunu uthe: "Angiyiboni ihamba ibanga elide. Empini yabo edlule uThabiso walwa kahle kodwa waphelelwa wumoya. Wasuke wamthatha kancane uMakabu ngoba ezazi ukuthi unobuchule kunaye. Akazange ajime ngokwanele. Kulokhu, uzofika esesimeni esihle. UThabiso uzoba ngumpetha," kusho uMchunu.
Nakuba enethemba lokuthi indodana yakhe izoqopha umlando ngokuba ngumshayisibhakela wesithathu eMzansi ozowina ibhande leWBC kodwa uMchunu uthe kunamaphutha okufanele iwalungise ewenze empini noTishchenko ngoMgqibelo.
"Uma ebuya phesheya ngizohlala phansi naye sikhulume. Akukhona ukuthi ngizobe ngizama ukumyekisa izinto abazihlela nomqeqeshi wakhe kodwa ngizobe ngimvusa ngamaphutha okufanele awagweme uma esebhekene noMakabu. Izinto ebekade ngimtshele zona uzenzile nje ngokuthi angavumi ukwethuswa yisitha. Kepha kufanele kube uyena owenza lokho kuqala. Ukwenze kahle lokho kwazise uTishchenko ugcine esemesaba. Kodwa okusalile wukuthi uThabiso agobise idolo, ashaye i-uppercut ngoba ubelwa nomuntu omude. Ubezoyiqeda ngokushesha impi. Manje yena ugcine esefuna ukulingana naye," kusho uMchunu.