UZIMISELE ngokukhonya uPrecious Mashele kwiBoxer Super Run 5km enesasa eliyisimanga kusukela imenyezelwe. Emcimbini wezinga eliphezulu obuseWestville, eThekwini, uMarek Masojada oyisikhulu esiphezulu kwaBoxer okuyisitolo esikhulu esidayidayisa ukudla, utshele Isolezwe ukuthi lo mjaho uzoba ngo-Agasti 19.
Uzosukele eBlue Lagoon uphelele eBeach Front, khona eThekwini.
UMasojada uthe inhloso zabo ukusungula lo mjaho webanga lika-5km wukufuna ukunika wonke umuntu ithuba lokugijima.
Kungokokuqala kwizinkampani ezihlonishwayo ukuthi kusungulwe lolu hlobo lo mjaho.
Kwenzeka lokhu nje, iWorld Atheltics isanda kumemezela ukuthi seyisemthethweni imijaho yaleli banga. Phambilini bekugijima noma ubani kuyo.
"Silindele abagijimi abangu-4 000. Nakuba ngingeke ngiveze okuningi kodwa imiklomelo iconsisa amathe. Siqome ukulandela umyalelo weWorld Athletics ngoba leli banga livuleleke kuzona zonke izakhamuzi zakuleli. Sihlela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi singeze amakhilomitha.
“Inhloso yeBoxer ukuthi ngaso sonke isikhathi sithuthukise ezemidlalo kuleli. Okunye ukuthi sizophinde siklomelise umsebenzi waseBoxer ozobashaya banke emakhanda kulo mjaho," kubeka uMasojada.
Lo mcimbi bewuqhakaziswe ukuhanjelwa umengameli weKwaZulu-Natal Athletics, uSteve Mkasi, iphini lakhe uMandla Mngomezulu, ngesinye sezikhulu eziphezulu kwi-Athletics South Africa (ASA), u-Enoch Sithole.
Ngaphandle kwalaba, bekugcwele abagijimi nezikhulu eziphezulu zamanye amakilabhu. UMngomezulu weKZNA ugqugquzele namanye akilabhu ukuthi alandele okweziwe iBoxer.
"Sihlale siludinga uhlobo lwemijaho efana nalo. Okuhle ngalo ukuthi luhlale lugquguzela izakhamuzi ukuthi zizivocavoce. SiyiKZNA sinxusa namanje amakilabhu ukwenza okufanayo," kusho uMkasi.
UMashele ogijimela iBoxer Athletics Club uthe uzobe ekhona noma ikanjani kulo mjaho. Uzibophezele ekutheni uzolwela ukuphula irekhodi.
Abahleli bamemezele benze esiyimizuzu ewu-15, abesilisa kube esiwu-13. 24. UMashele ongomunye wezithenjwa zeBoxer, uthe uzimisele ukuliphela leli rekhodi.
"Yaze yangijabulisa into eyenziwe ngabaphathi bami. Manje sesinomjaho wethu. Njengoba uqalwa ngifisa ukuthi unqotshwe umgijimi wekilabhu yethu," kubeka uMashele.