ESINYE sezazi zemithetho yezokusubatha eNingizimu Afrika, uCeli Makhoba, sidalule okwenza silokhu siqokelwe njalo ebhodini leComrades Marathon Association (CMA).
NgoLwesithathu olwedlule, iCMA ehlela umjaho iComrades Marathon, beyinomhlangano wokuvala unyaka.
Kuwo kubuye kwaba nokhetho okubuyiselwe kulo uMqondisi Ngcobo kwesikasihlalo webhodi le-CMA noLes Burnard kwesephini.
Kuqokwe namalungu amahlanu aleli bhodi azohlala iminyaka emibili ehhovisi.
Kukhona yena uMakhoba odabuka eMabomvini, KwaMaphumulo, Burnard, Ngcobo, Mhlonipheni Nkabinde noPhumlani Ntuli.
Amanye amalungu aqokelwe esikhathi esingangonyaka, u-Isaac Ngwenya, Patricia Freeman, Vukani Dlamini noZinhle Sokhela.
UMakhoba ophinde abe yinhloko yeSouth African Institute for Drug-Free Sport (Saids), KwaZulu-Natal, utshele Isolezwe ukuthi okuka 14 eqokwelwa kuleli bhodi kulandelana.
Lokhu kumenza abe yilungu esiliqokwe kaningi ukuwedlula wonke amanye.
Ebuzwa ngemfihlo yakhe uthe, ngaphandle kokusebenza ngokuzinikela ubuye asizwe ukuhlala ethuthukisa ulwazi lwakhe.
"Ngicabanga ukuthi okwenza ngihlale lesi sikhathi kuleli bhodi ukuba nolwazi olunzulu ngemithetho yezokugijima. Ngineziqu zomhlaba zeWorld Athletics Technical Official engazithola ngo-2007, ePitoli. Ngikhuluma nawe nje, bengikhona ethimbeni elabhala ngo-2019 incwadi yemithetho yezokugijima kuleli esasetshenziswa namanje yi-ASA (Athletics South Africa). Ngibuye ngisizwe ukuthi uma ngisebenza kangikhethi bala, buhlanga nokuthi umuntu uphuma kuyiphi ikilabhu,“ kusho uMakhoba.
UMakhoba oseneminyaka ewu-28 esebenza ezinhlakeni ezehlukene kwezokusubatha, uveze ukuthi umsebenzi wabo kule minyaka emibili ukwenza isiqiniseko soyibeka kwelinye izinga iComrades.
"Siphuma esikhathini esinzima seCovid-19, lapho bekumi yonke into. Lesi simo siwushayile umnotho. Kanjalo nososeshini ohlela iComrades ushayekile. Siyibhodi sinejoka lokuthola abaxhasi ukuze kunyuke imihlomulo yabagijimi. Kumele senze isiqiniseko sokuthi lo mjaho siwugcina usezingeni eliphezulu emhlabeni," kuqhuba uMakhoba obuye ahlele imijaho.