INJABULO iphenduke umunyu kumshayisibhakela wakuleli, uGcina “Double G" Makhoba, kudingeka ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokunqoba ibhande le-WBF World Junior Bantamweight ngempelasonto.
Yize uMakhoba enqobile kodwa kucacile ukuthi zingene zazwela izibhakela ebezithunyelwa yimbangi yakhe, uRoberto Paradero wasePhilippines.
Kulo mqhudelwano obuseDundee, uMakhoba wakuyo le ndawo, unqobe ngamaphuzu.
Nakuba iHle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Dladla, beyiqala ukuhlela umqhudelwano kodwa kugqame ukuhleleka kwezinto ngendlela eyisimanga.
Ngemuva kokuthi amajaji ememezele ukuthi uMakhoba unqobile, injabulo iphenduke umunyu lo mshayisibhakela ephelelwa umoya wacishe washayeka phansi.
Kuthe kusabhekwe lokho kwabonakala ebamba indlebe yesokudla ebese igxiza igazi.
Kube ubutata kodokotela nakwabosizo oluphuthumayo bephuthuma uMakhoba obese ethe vosho ekhoneni lakhe. Ube esexhunywa ama-driphu neminye imishini ezanywa ukuhlengwa.
Ngokuhamba kwesikhathi, uphuthunyiswe eDundee Hospital lapho efike walaliswa khona. Okube yimbangela yalokhu kulimala ukudedela odalimede bezibhakela kukaParadero.
Kunemizuliswano lapho bekusukuma wonke umuntu bezitshela ukuthi kuyaphela ngoMakhoba.
Nokho okugqame kakhulu ngale nsizwa yaseDundee, ukuba yisihlahla esingagawuleki. Beyivika ngendlela yeqophelo eliphezulu wena owabona uMoruti "Babyface" Mthalane.
Nakuba zikhona izibhakela zikaParadero ezihlalile kodwa eziningi beziphelela kuma-gloves kaMakhoba ngesikhathi evika. UMakhoba ubezithela kwimbangi, eziningi zihlala enyameni okungenzeka ukuthi yikhona okumqoqise amaphuzu emajajini.
Ukuba ekhoneni kukaBhunu Mthalane noMtuseni Dube kubukeka kumsize kakhulu uMakhoba. UMthalane ubeceliwe ukuthi azolekelela uDube ekhoneni okunguyena umqeqeshi kaMakhoba.
Okunye okubukeka kuqede amandla uMakhoba ukuthi ubeqala ukulwa imizuliswano ewu-12.
Uphromotha uDladla utshele Isolezwe ukuthi bazozwa namuhla ngesimo sikaMakhoba. Uthe bamshiye isibhedlela isimo singesibi. Uveze ukuthi uma elulama ngokushesha bahlela ukumqhatha futhi ngoFebhuwari wonyaka ozayo.
Kuzo lezi zimpi, uNhlanhla Gasa naye uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokushaywa kabuhlungu uMhlengu Ndlovu kweye-Catchweight.
Kwezinye izimpi, uMxolisi Zuma wehlule ngomcacamezelo womlalisa phansi u-Ishmael Makhado ngomzuliswano wokuqala kweye-Junior Featherweight.
Kweyabesifazane, uWendy Gcadu waseLindelani, unqobe uNoxolo Mkhasibe ngamaphuzu kweyempindamshaye esisindweni seSuper Middleweight.
Wenze okufanayo uSandile Dumisa kuLindelani Sibisi empini ye-Junior Lightweight.
UNdlovu uwine ngomcacamezelo womlalisa-phansi kuGasa. UZwelakhe Nhlapho unqobe ngendlela efanayo kuSiyanda Msomi kwiFeatherweight. Ukuphindile lokho noNtethelelo Magcaba, ehlula uLucky Mavimbela kwiBantamweight.
USanele Mhlungu unqobe ngomngqimuzo womlalisa phansi uSiphesihle Mkhonza emzuliswaneni wokuqala kwiFlyweight.