SIFAKWE ngamasibomu emphandwini wezingonyama isilomo sebhokisa laseSibongile, eDundee, uGcina "Double G" Makhoba, njengoba siqhathwe nesiphekepheke esike saba sesitebeleni sikamakadebona, uManny "Pac Man" Pacquaio wasePhilippines.
UMakhoba uzobanga isicoco esingaphethwe muntu se-WBF World Super Flyweight noRobert Paradero ongowokuzalwa edolobheni laseMalaybalay, khona ePhilippines.
Le mpi eyimizuliswano ewu-12, ingoDisemba 3, eMajuba College, khona eDundee.
Ingeyosuku emqhudelwaneni ohlelwa yiHle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Dladla. Kuzoba idili likamkhipheni njengoba zizoba yishumi sezizonke izimpi.
Nakuba uParadero ezimpini ezine agcine ukuzilwa ehlulekile ukunqoba kodwa useke walwela kabili ibhande le-WBA World Minimumweight elibalwa namanye amathathu ahlonishwa umhlaba wonke.
Kulesi sicoco uqale washaywa uVictoria Saludar wakhona ePhilippines, kwase kulandela uThammanoon Niyomtrong waseThailand, ngo-2021.
Useke waphatha nebhande le-WBO Asia Pacific Youth Minimumweight.
Uphinde abe nesipiliyoni sezimpi eziningi. Unqobe eziwu-18, wahlulwa kwezintathu, wase elwa ngokulingama kweyodwa.
Nokho kwagcine ukuyilwa ushaywe umkhaya wakhe uVince Paras.
Ngakolunye uhlangothi, uMakhoba ngoDisemba 3, uzobe elwa eyesi-11.
Unqobe eziyisishiyagalombili, wahlulwa waphinde walwa ngokulingana kweyodwa.
Useke waphatha ibhande le WBF International Super Flyweight abegcine ukulivikela kuMusawenkosi Ndwandwe ngo-Okthoba.
Wayelithathe kuye uNdwandwe ngo-2020 khona, eMajuba College.
UHlengiwe Dladla utshele Isolezwe ukuthi bamqhathe ngamasibomu uMakhoba kule mpi.
"Siyazi ukuthi sitholele uGcina umuntu oyingozi kodwa esikuhlosile ukuthi simkhulise, sibone ukuthi ukhakhayi seluqine kangakanani. Siyabathemba abaqeqeshi bethu, bamcije ngokwanele uMakhoba. Uzomkhipha ukwazi uParadero. Inhloso yethu ukugcina simfake ezilinganisweni zomhlaba umshayisibhakela wethu.
“Nakuba ngingeke ngande kakhulu kodwa sinezinhlelo ezinzima ngoMakhoba. Uma ekwazile ukunqoba ngoDisemba 3, ngonyaka ozayo, sizomenzela indumezulu yempi engingeke okwamanje ngidalule okuningi ngayo," kubeka uDladla.
Enye impi ebhekwe ngabomvu ngalolu suku ngeyezintokazi uWendy Gcadu noNoxolo Mkhasibe abazobanga isicoco saKwaZulu-Natal seSuper Middleweight. Izoba imizuliswano eyishumi.
Khonamanjalo: Zihlehlele uDisemba 4, izimpi zeLudonga Boxing Promotions obekumele zibe ngoMgqibelo, Olundi. UZwi Magudulela oyisikhulu esiphezulu kule nkampani, uthe zihlehliswe yizingqinamba ezize zaxazululeka sekuhambe isikhathi seliyophela isonto.