INHLANGANO eyengamele ikhilikithi kuleli, iCricket South Africa (CSA), imemezele ukuthi uMalibongwe Maketa uqokwe njengebamba lomqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa elizovakashela e-Australia.
UMaketa (42) ungumqeqeshi weqembu elingaphansi kwamaProteas, iSouth Africa A, aphinde ahole iNational Academy. Uzothatha izintambo uma amaProteas eselibhekise e-Australia lapho ezodlala khona imidlalo emithathu yama-test kusukela ngoDisemba kuze kube uJanuwari.
Njengamanje iqembu lakuleli lilele endaweni yesibili kwi-log ye-ICC World Test Championship njengoba linqobe uchungechunge olubili, lwahlulwa kolulodwa laphinde ladlala ngokulingana kolulodwa.
UMaketa uzohola leli qembu kulandela ukuqinisekiswa kokuthi umqeqeshi okhona njengamanje, uMark Boucher, uzosishiya lesi sikhundla ekupheleni kweNdebe yoMhlaba yeT20 eqhubekayo e-Australia. Lo mqeqeshi usethathwe yiqembu, iMumbai Indians, eligijima kwi-Indian Premier League.
“Kuyintokozo ukwamukela uMalibongwe njengebamba lomqeqeshi ozohola amaProteas e-Australia. Ungumuntu olaziyo iqembu njengoba eseke waba yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe phambilini,” kusho umqondisi wekhilikithi kwiCSA, u-Enoch Nkwe.
“Ngenxa yokuthi sincane isikhathi esisele ngaphambi kwalolu hambo, siyiCricket South Africa besidinga umuntu ongangenelela ngokushesha futhi asihole kulolu chungechunge olubalulekile.
“Simfisela okuhle kodwa emsebenzini abhekene nawo. Siyameseka ngokugcwele futhi asingabazi ukuthi uzokwenza abantu baseNingizimu Afrika baziqhenye.”
UMaketa ubeyingxenye yethimba labaqeqeshi bamaProteas ngesikhathi evakashele e-England ngoJulayi nango-Agasti nonyaka futhi wayeyiphini lomqeqeshi kusukela ngo-2017 kwaze kwaba ngu-2019.
“UMalibongwe ungumqeqeshi nomholi ohlonishwayo. Simkhethe ngoba siwazi amagalelo akhe futhi silindele ukuthi aqhubeke ezinhlelweni ebesivele siphezu kwazo,” kusho isikhulu esiphezulu seCSA, uPholetsi Moseki.
"Njengoba ewazi amaProteas, nginesiqiniseko sokuthi ngeke kuthathe sikhathi ukuthi enze umsebenzi wakhe, ayise iqembu phambili."
Khonamanjalo amaProteas azobuyela enkundleni namuhla kwiNdebe yoMhlaba yeT20. Azobhekana nePakistan eSydney Cricket Ground ngo-10 ekuseni.
AmaProteas awakahlulwa emidlalweni emithathu yamaqoqo selokhu eqale lo mqhudelwano. Owokuqala neZimbabwe waphazanyiswa yimvula, akwazi ukucoboshisa iBangladesh ne-India.
EzikaTemba Bavuma ziqhwakele kuGroup 2 ngamaphuzu amahlanu. Zidinga ukuba ngelinye lamaqembu amabili azoqeda eyamaqoqo ephezulu kwi-log ukuze zidlulele kowandulela owamanqamu.
Ngemuva kokubhekana nePakistan, elakuleli lizophothula imidlalo yamaqoqo neNetherlands ngeSonto.
Imidlalo yama-test ezodlalwa phakathi kwamaProteas ne-Australia:
Disemba 17 – 21 -- The Gabba, Brisbane
Disemba 26 – 30 -- Melbourne Cricket Ground, Melbourne
Januwari 4 – 8 -- Sydney Cricket Ground, Sydney.