Thathe Msimango
Ukuqokwa kukaMaketa kungenye yezinguquko eziyisikhombisa ohlakeni lezokuqeqesha olumenyezelwe yinhlangano ephethe ikhilikithi eNingizumu Africa iCricket South Africa( CSA) emasontweni amabili edlule.
Ungena esikhundleni ebesiphethwe ngumqeqeshi wamaCape Cobras, u-Ashwell Prince. Unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu ezophela emuva kweNdebe yoMhlaba yango-2023 e-India.
Isitatimende esikhishwe yiCSA sithe kulindeleke ukuthi uMaketa agxile nasekuthuthukiseni ikhilikithi emazingeni aphansi abuye acobelele ulwazi futhi aphonse izeluleko ethimbeni leqembu elikhulu labesifazane.
Umqondisi jikelele weCSA, uGreame Smith, ucashunwe ekushayela ihlombe ukuqokwa kwakhe wathi ungomunye wabanohlonze ezweni.
“UMalibongwe usezihlanganise nekhilikithi isikhathathi eside futhi ungomunye wabaqeqeshi abanohlonze abenza kahle. Ngithanda ukubonga ukuthi uMaketa uphinde wafaka isicelo sokusebenza kwiCSA, “ kusho uSmith.
UMaketa (39) unamava kwezoqeqesha. Useke waba yiphini lomqeqeshi kumaProteas ku-Ottis Gibson kusukela ngo-2017 kuya 2019. Waphelelwa yitoho emva kweNdebe yomhlaba ka-2019 eyayiseNgilandi emuva kokuba inkontileka yakhe ingavuselelwanga.
Uthe ubengakulindele ukuqokwa kwakhe ngoba bebe baningi abebefake izicelo.
“Ngibonga kakhulu ukuqokelwa kulesi sikhundla. Ngifisa ukubonga kakhulu ezikhulwini ngokungethemba ukuthi ngizowenza lo msebenzi ngempumelelo. Okubalulekile wukusekwa okumele ngikuthole ukuze ngifeze amaphupho enginawo,” kusho uMaketa.
UMaketa, oke wayibamba kwiWarriors, ukholelwa wukuthi ubudlelwano obuhle phakathi kwabaqeqeshi bamaqembu aseMzansi kuzomsiza ukuze aphumelele.
“Ngizozama ukwenza ubudlelwano obuhle nabaqeqeshi bamaqembu ekhilikithi azinze eNingizimu Afrika. Isifiso sami wukubona abadlali engisebenze nabo bephenduka izethenjwa eqenjini elikhulu lamaProteas.”