UMQEQESHI onamagalelo angadingi kuchazwa kwiComrades Marathon, uXolani Mabhida, ukholwa wukuthi emjahweni walo nyaka, kwi-Top 10, kuzokhonya abasubathi baKwaZulu-Natal, North West naseGauteng.
Lo mjaho ojwayele ukuba ngoJuni, kulo nyaka uzoba ngo-Okthoba 28.
Uzosukela eCity Hall, eMgungundlovu, uphelele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Bangaphezu kuka-15000 abasubathi abangele umjaho.
UMabhida uveze ukuthi iHollywoodbets AC ayithipha kakhulu kumakilabhu angase enze kahle. Abagijimi bayo ababalile uNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana noSikhumbuzo Duma. Omunye wale kilabhu ambalile uSikhumbuzo Seme ongowaseGoli.
Ekuqaleni konyaka uMhlakwana uphume isibili kwiTwo Oceans 56 Ultra Marathon ngesikhathi esiwu-03:09:07.
Igcina ukugijinywa iComrades ngo-2019, wayephume endaweni ka-11 (05:53:00).
UDuma kwiTwo Oceans uphume endaweni ka-13 (03:17:14). Uphinde walala isibili kwiBest of the Best Marathon.
Nakuba uSeme ozalwa umqeqeshi uMichael "Spongy" Seme, ezobe eqala ukugijima iComrades kodwa uMabhida uthe umbona engena kwabaphambili.
KwabaseNorth West, uMabhida uthe u-Edward Mothiba weNedbank Running Club angakuphinda okwango-2019 lapho ashaya intambo ngo-5:31:33.
Uthipha nozakwabo kwiNedbank, uTete Dijana olale isibili ( 2:44:08) kwiNedbank Runfield Breaking Barriers 50km ,ekuqaleni konyaka. Emjahweni ofanayo, uMothiba walala isithathu (2:45:27).
"Ngeke wabashiya ngaphandle omakadebona abafana noBongmusa Mthembu ogijimela i-Arthur Ford
Abanye engibabona bezokwenza kahle ngoSiya Mnqabeli noGordon Lesetedi abangaphansi kukaJohn Hamlett (Enstika). Nakuba ngingeke ngiveze magama kodwa nakumina kwiXcell Running Club kukhona abazokumangaza. Enye ikilabhu eyingozi iMaxed Elite. Noma izoba khona leyo ngcosana yabangaphandle kwi-Top 10 kodwa ngibona kukhonya abakuleli," kubeka uMabhida owayeqeqesha uMthembu ngesikhathi enqoba iComrades kulandelana ngo-2017 no-2018.
KwiTwo Oceans, uMthembu ulale indawo eyesine (3:12:06). Lo msubathi wayeqale ukunqoba iComrades ngo-2014.
UMabhida uthe ubona izikhathi zizoba zinhle kwiComrades yalo nyaka.
"Uma kungaya ngamazwi ezangoma zezulu ezathi amazinga okushisha ngosuku lomjaho azobe ephansi kuzoba into enhle kubagijimi. Okwesibili, abagijimi baphumule ngokwanele. Ikakhulukazi ama-ultra marathon abegqagqene kamnandi. Okwesithathu, emjahweni walo nyaka kugcwele kakhulu igenge esencane, esanomfutho nejubane eliyisimanga. Okunye okungichazayo isasasa lalo mjaho kubagijimi nasemphakathini jikelele. Kuyabonakala ukuthi abantu bese bewukhumbule," kusho uMabhida.