UTUSE abaqeqeshi ngezinhlelo zabo ezikhaliphile ukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo, uSiya Kolisi, ngemuva kokuthela phansi iWales emdlalweni wokugcina wochungechunge lwemidlalo emithathu obuseDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ebusuku.
AmaBhokobhoko anqobe ngo-30-14 aluthatha ngo-2-1 uchungechunge. Elakuleli lawina umdlalo wokuqala eTshwane, izivakashi zabuya zathatha owesibili odlalelwe eBloemfontein.
Ngesonto eledlule owayengumqeqeshi wamaBhokobhoko, uJake White, ugxeke umqeqeshi wamanje, uJacques Nienaber, ngokwenza inqwaba yezinguquko emdlalweni wesibili. Wathi iqembu lesizwe akuyona indawo yokuthi abaqeqeshi nabadlali bazofunda kuyona kodwa yiqembu okumele linqobe imidlalo.
Nokho iphini lomqeqeshi wamaBokke, uMzwandile Stick, liphendulile esithangamini nabezindaba ngaphambi komdlalo, lathi baphoxekile ngokuzwa owake waba sesikhundleni sabo phambilini ebagxeka esidlangalaleni ekubeni alithola ithuba lokwenza akuthandayo esaphethe izintambo.
Ngemuva komdlalo uKolisi uthe abasebenzele amaqhinga abaqeqeshi.
"Kube wuchungechunge olunzima, ngicabanga ukuthi yikho kanye ebesikudinga ukuqala isizini yethu. Ngibonga ithimba labaqeqeshi ngoba belinecebo elicacile kwasekuqaleni futhi babambelele kulo. Abadlali abaningi bathole amathuba futhi lokho kubalulekile," kusho uKolisi.
“Abaqeqeshi bethu abasifihleli lutho, bayasichazela ngezinhlelo zabo. Besizazi kahle izinhloso zabo futhi ngijabule kakhulu ngalokho. Sikwazile ukuphakama kulo mdlalo wokugcina ebesiwulungiselela njengowamanqamu saphinde sawudlala njengowamanqamu.
“Kuningi abantu abebekusho ngathi futhi siyafuna ukuthi babe nemibono noma baligxeke iqembu ngoba siyazi ukuthi bayalikhathalela. Ngiyajabula ukuthi sikwazile ukunqoba lo mdlalo wamanqamu."
UHandre Pollard, Bongi Mbonambi noKolisi yibona abashaye ama-try amaBhokobhoko, uPollard wengeza amanye amaphuzu ngokubeka phakathi ama-conversion amathathu namaphenathi amathathu. IWales ithole i-try eyodwa ebekwe nguTommy Reffell namaphenathi amathathu kaDan Biggar.
UNienaber uthe: “Asikwenzanga kahle konke enkundleni, kukhona okusamele sikulungise. Ibhola siliphose kahle saphinde salinqaka kahle kuma-lineout futhi sibadudule kahle ngama-maul kodwa bekunamaphutha kuma-scrum. Sisazokulungisa okuningi. Siphinde sakha inqwaba yamathuba kodwa sangawasebenzisa wonke. Sibe nengxoxo ende ngemuva kokuhlulwa ngesonto eledlule mayelana nokumele sikwenze ukuze silawule umdlalo uma sihamba phambili sekusele imizuzu engu-20."
AmaBhokoBhoko azovula iRugby Championship nama-All Blacks eMbombela Stadium ngo-Agasti 6.