UKAPUTENI weqembu lesizwe lebhola lombhoxo, uSiya Kolisi, uthembisa ukuthi bazofunda emaphutheni abo kulandela ukuhlulwa yiNew Zealand ngo-35-23 koweRugby Championship e-Ellis Park ngoMgqibelo.
Ngemuva kokuthelwa phansi yiqembu lakuleli ngo-26-10 emdlalweni wokuqala eMbombela Stadium, ama-All Blacks angene ngomfutho esiwombeni sokuqala, azithola esehamba phambili ngo-15-0.
AmaBhokobhoko akwazile ukubuya ngama-try kaMakazole Mapimpi noLukhanyo ahamba phambili ngo-23-21 sekusele imizuzu engu-12 kuphela.
Nokho izivakashi azizange ziphele amandla, zashaya awazo amabili umdlalo usuyophela, zanqoba ngo-35-23.
"Yebo, asiphathekile kahle neze ngokuhlulwa, akukaze kube kuhle ukuhlulwa. Besazi ukuthi ama-All Blacks adinga umzuzu owodwa ukulungisa izinto. Ngesiwombe sokuqala bawuphathe ngempela umdlalo. Ibhola baligcine kahle sangakwazi ukubafaka ngaphansi kwengcindezi ngokulikhahlela njengoba senza eMbombela,” kusho uKolisi.
"Siqale ukulwa njengeqembu ngesiwombe sesibili saphinde sasizwa abadlali abebesuka ebhentshini. Yize siwudedelile umdlalo ekugcineni kodwa esingakuthatha ukuthi asizange sidikibale, silwe kwaze kwaba sekugcineni."
Njengoba i-Argentina iguqise i-Australia ngo-48-17 komunye umdlalo weRugby Championship ngoMgqibelo, lokhu kusho ukuthi womane amaqembu asenethuba elihle lokunqoba lo mqhudelwano.
IPumas isiqhwakele ngamaphuzu amahlanu, ilandelwa ngamaWallabies ngamaphuzu alinganayo. AmaBhokobhoko asendaweni yesithathu ngamaphuzu amane, alingana neNew Zealand esendaweni yesine.
EzikaKolisi zizohlaba ikhefu kuleli sonto ngaphambi kokubhekana ne-Australia e-Adelaide ngo-Agasti 27.
"Sisalelwe yimidlalo emine. Besingathanda ukugcina umgqigqo wokunqoba kodwa ngeke sikwazi ukudikibala isikhathi eside. INew Zealand idlale kahle futhi kumele samukele ukuthi kuningi okumele sikufunde kulo mdlalo. Sidinga ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo.
"Sizobona isikwati esizothatha uhambo oluya e-Australia futhi kufanele siqale ukuzilungiselela ngokwengqondo. Sizochitha isikhathi esincane nemindeni yethu kodwa kumele sibuye sesilungele ukusebenza," kusho uKolisi.