KUPHELILE ukuqagela, ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi usezojoyina iCell C Sharks njengomdlali wayo. UKolisi (29), uzodlalela oShaka ngenxa yesivumelwano senkampani ethenge amasheya kuleli qembu elizinze eThekwini, iMVM Holdings yase-USA.
Kuvele nokuthi iqembu abelidlalela uKolisi, iWestern Province belifuna imali engu-R1 million, ukuze limdedele kwinkontileka yakhe ebizophela ngo-Okthoba nonyaka.
Kulindeleke ukuthi uKolisi ethulwe yiSharks maduzane. Akucaci-ke nokho ukuthi ngabe uzolithatha yini ibhande lobukaputeni kuLukhanyo Am, noma izinto zizoqhubeka njengokwejwayalekile.
Esitatimendeni esithunyelwe yiWestern Province izolo, ithe bazamile ukumncenga uKolisi ukuthi ahlale kodwa wanqaba.
"UKolisi ubevele ephelelwa yinkontileka neqembu ngo-Okthoba. Iqembu lizame konke okusemandleni ukumgcina kodwa umdlali wathi usefisa ukushiya," kusho isitatimende.
Ushiya kwiProvince nje bese ehlale iminyaka engu-11, kwazise wajoyina leli qembu ephuma esikoleni.Bese edlale amahlandla angu-118 kwiProvince.
Uthathe izintambo zobukaputeni kwiProvince ngo-2017, kwathi ngo-2018 wamenyezelwa njengokaputeni weqembu lesizwe amaBhokobhoko.
Sekuwumlando ukuthi ngo-2019, uKolisi neqembu lesizwe banqobe isicoco seNdebe yoMhlaba ngaphansi kobuholi bukaRassie Erasmus obengumqeqeshi ngaleso sikhathi.
Izinkinga zemali bese zibhokile kwiSharks, kodwa lokho sekubukeka njengomlando njengoba leli qembu seliphethwe iMVM Holdings yaphesheya kwezilwandle.
Ngesizini edlule, iSharks ingelinye lamaqembu angakhala kakhulu ngokuphazanyiswa wukubheduka kweCoronavirus. Kwamiswa imidlalo yeVodacom Super Rugby ihamba phambili. Ayikwazanga nokunqoba iCarling Currie Cup, yehlulwa kowamanqamu yiVodacom Bulls.