ULINDELE ukuthi ezakhe ziphendule imibuzo eziyibuzwe ngesikhathi zihlulwa yi-Ireland ngo 19-16 e-Aviva Stadium, eDublin, ngoMgqibelo ebusuku ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi.
Kuyiwe ekhefini la maqembu ebambene ngo 6-6 kodwa iqembu lasekhaya, elikleliswe phezulu emhlabeni embhoxweni wabesilisa, ligcine liwuthathile umdlalo ngesiwombe sesibili.
Amaqembu ashaye ama-try amabili iqembu ngalinye, umehluko kube amaphenathi. UJohnny Sexton uwabeke phakathi kwezinti amathathu e-Ireland, kumaBhokobhoko uDamian Willemse noCheslin Kolbe bashaya eyodwa umdlali ngamunye.
“Besazi ukuthi kuzoba nzima futhi ngeke sibe nenqwaba yamathuba okuthola amaphuzu. Amathuba esiwakhile sihlulekile ukuwasebenzisa nokuyicala elikhulu uma ubhekene neqembu elisezingeni eliphezulu njenge-Ireland," kusho uKolisi.
“Senze amaphutha amabili basijezisa ngokushaya ama-try. Siyabahalalisela ngoba banqobe kufanele, bakwazile ukusebenzisa amandla abo basivimba ukuthi singabaduduli ngokusebenzisa i-maul ne-scrum, okuyizinto esijwayele ukuzisebenzisa ukuze sinqobe imidlalo.
“Kumele sizibuze ukuthi kungani izinhlelo zethu zingasebenzanga njengenjwayelo futhi sithole nezixazululo.”
Ukulimala kukaHandre Pollard nokungabibikho kuka-Elton Jantjies kuphoqe amaBhokobhoko ukuthi azame okuhlukile ezindaweni ezibucayi enkundleni okuyi-flyhalf ne-fullback.
Kulo mdlalo ne-Ireland kuqokwe uWillemse kwi-flyhalf, kwafakwa uKolbe kwi-fullback. UWillemse ubhekene nezinselelo ezihlukene kulo mdlalo, ikakhulukazi uma sekufanele akhahlele ibhola aliyise engxenyeni ye-Ireland yenkundla noma akhahlelele amapali.
UKolisi uthe lo mdlali kanye nabanye abanikwe amathuba basazovuthwa kodwa akubona bodwa okumele banyuse amasokisi emidlalweni elandelayo.
"UDamian udlalile futhi usazowathola amanye amathuba. Udinga ukuthuthuka ezintweni ezithile futhi nginesiqiniseko sokuthi uzosebenza kanzima. Kuyasijabulisa ukubona abadlali bethola amathuba kule midlalo emikhulu ukuze kushaye isikhathi seNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo sebejwayele ukudlala kuleli zinga," kuchaza uKolisi.
"Akumnandi ukushweba uma sikhahlelela ipali ngoba eminye imidlalo inqotshwa kanjalo. Nokho, ngeke ngisole laba abakhahlelayo kuphela ngoba maningi amathuba esiwamoshile. Kumele sonke sizinuke amakhwapha.
"Besifuna ukwakha umgqigqo omuhle kodwa kwangenzeka. Akukuhle ukuthi siye phambili siphinde sibuyele emuva kodwa sizokulungisa lokho futhi sizosebenza kanzima kuleli sonto ukuze sibe ngcono emdlalweni olandelayo."
AmaBhokobhoko asezobhekana neFrance eStade Velodrome, eMarseille, ngoMgqibelo. Umqeqeshi uJacques Nienaber uthe bayawazi amaphutha okumele bawalungise.
Ngemuva kokubhekana neFrance, amaBokke azodudulana ne-Italy ngoNovemba 19, bese edlala ne-England ngoNovemba 26.