UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ulincomile iqembu ngendlela elibuye ngayo ngesiwombe sesibili lishaya iWales emdlalweni wokuqala wochungechunge obudlalelwa eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ntambama.
IWales ibihamba phambili ngo 18-3 ngesikhathi sekhefu kodwa iqembu lasekhaya labuya ngamandla esiwombeni sesibili lakwazi ukunqoba ngo 32-29.
UBongi Mbonambi, uMalcolm Marx noCheslin Kolbe bashayele iqembu lakuleli ama-try, laphinde lathola i-penalty try ngenxa yokuthi izivakashi bezidlala kabi ngokuphindelela sekusele kancane ukuthi amaBhokobhoko eqe umugqa.
UDamian Willemse uwabeke phakathi ama-conversion amabili kanye nephenathi enqobe umdlalo sekusele amanenjana umdlalo uphele. Enye iphenathi ishaywe ngu-Elton Jantjies.
Ama-try eWales abekwe uLouis Rees-Zammit, oshaye amabili, noDewi Lake. Amanye amaphuzu aqhamuke ngesicathulo sikaDan Biggar oshaye i-conversion, amaphenathi amathathu ne-dropgoal.
"Bekunzima enkundleni njengoba besivele silindele. IWales iwuthathile umdlalo ngesiwombe sokuqala yaphinde yasivimba ukuthi siyidudule sisondele phambili ngokusebenzisa ama-maul," kusho uKolisi.
“Siyaziqhenya ngendlela esibuye ngayo njengeqembu nangendlela esiqede ngayo umdlalo. Ukudlala neWales kunzima futhi baqale ngomfutho omkhulu. Ngibonga nje ukuthi sigcine siwunqobile umdlalo."
Ngaphambi komdlalo uKolisi uthe njengeqembu bayakuqonda ukuthi izwe libhekene nezingqinamba njengokunyuka kwentengo kaphethroli, ukucinywa kagesi nokunye, kodwa unethemba lokuthi ukulwa kwabo kubajabulisile abalandeli abangaphezu kuka-50 000 abebesenkundleni, nalabo abebebukele besemakhaya.
"Izwe libhekene nezimo ezingezinhle, kubukeka sengathi njalo uma sidlala izwe lisuke libhekene nezinselelo ezithile. Njengoba ngike ngasho ukuthi ukudlala nokunqoba kwethu akuzixazululi zonke izinkinga kodwa kuyabajabulisa abantu ngandlela thize.
"Yingakho singeke siphele amandla. Akuwona nje umdlalo kithina, kungaphezu kwalokho."
Umdlalo olandelayo uzodlalelwa eToyota Stadium eBloemfontein ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. Uma amaBokke ewunqoba azoluthatha uchungechunge ngaphambi kokuya emdlalweni wokugcina eKapa.
Nokho, uKolisi uthe kuzodingeka bazimisele ukuze baphinde baguqise iWales ezobe ibheke ukubuyisa izinduku.
"IWales beyazi kahle ukuthi besifuna ukudlala kanjani emdlalweni wokuqala futhi ayizange isivumele ukuthi sisebenzise amandla ethu. Nathi asikwazanga ukukhahlela ngendlela ebesifuna ngayo kwadingeka sithole izisombululo," uqhube kanje.
"Siyazi ukuthi sizobhekana nento efanayo emdlalweni wesibili nawo ozoba nzima. Siyayihlonipha kakhulu iWales futhi kuhlale kunzima ukudlala nayo,“ kusho Kolisi.