IMENENJA yabasubathi beNedbank Running Club, uNick Bester, izishaya isifuba ngeqhinga abalisebenzisile ukuze bakhonye kwiComrades Marathon ebiyizolo, isuka eCity Hall, eMgungundlovu yaphelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Izolo, ngesikhathi kuqhuma isibhamu sokususa lo mjaho, u-Onalenna Khonkhobe wayo iNedbank, uqhashise okwenhlavu, ezihola phambili. Ubevule elikhulu igebe kubonakala engathi akekho ozomfica uma eqhubeka ngejubane abehamba ngalo.
Kuthe uma sekubhekwe ePinetown, wabonakala engathi esephelelwa amandla.
Ngaleso sikhathi, bese beseduze ozakwabo kule kilabhu, uTete Dijana no-Edward Mothibi, bamdlula. Ngesikhathi uKhonkhobe ezihola phambili, ubengaphezi ukubheka emuva ukuthi ngabe kukhona yini abezayo.
Kuthe uma eqalaza ebona ozakwabo, kwangathi kukhona uthwalo osukayo emahlombe akhe. Ngesikhathi bedlula, bathe ukushaya ngezandla benoDijana, sakuncomana, wabe esethi dlengelele uKhonkhobe, waphela kanjalo umjaho wakhe.
Abaningi bamhlekile, bemsola ngokuthi usheshe wawakhipha wonke amandla akhe.
Sekusele amakhilomitha awu-13 kufikwe entambeni ku-45th Cutting, uDijana naye uqhashise okwenhlavu eshiya umpetha ka-2019, uMothibi, washaya intambo ngesikhathi esiwu-5:30:38. UMothibi uphume isibili ngesiwu-05:33:46.
Isithathu sithathwe ngomunye weNedbank, uDan Moselakwe ngesiwu-5:36:25. UBester uthe vele bekuyiqhinga labo ukuthi uKhonkhobe aqhashe zibekwa.
"Ngiyabezwa nje abantu bethi u-Onalenna usheshe waphapha wawakhipha wonke amandla. Bekuyiqhinga lethu lokugqilaza abanye abasubathi bamanye amakilabhu. Kuyangijabulisa ukuthi leli qhinga lisebenzile. Bekuwukuthi uMothibi, Dijana nabanye baphushe kakhulu uma sekusele amakhilomitha awu-15 okugcina.
“Sekubhekwe entanjeni bese kulele ekutheni ubani osenamandla phakathi kukaMothibi noDijana. Ngibonga kakhulu kubasubathi bami ngokuzimisela," kubeka uBester oveze ukuthi uDijana bazomklomelisa ngesamba sikaR150 000 ngokuphuma endaweni yokuqala.
Amazwi kaBester afakazelwe uDijana oveze ukuthi iqhinga bekuwukuthi bavikele uMothibi.
"Empeleni uMothibi obenikezwe umsebenzi wokusigada emzileni. Uyena futhi onginike igunya lokuthi ngimshiye ngiyoshaya intambo. Uthe kimi hlaba ngejubane, ubonakala usenawo amandla. Okuhle ukuthi besilivule kakhulu igebe kubasubathi bamanye amakilabhu. Ukhumbule ukuthi nasendaweni yesithathu bekuza uDan (Moselekwe) osekilabhini yethu," kubeka uDijana abadabuka ngandawonye noMothibi, eNorth West.
Uveze ukuthi ngaphabi kwalo mjaho bebedonswe ngendlebe ukuthi bagade uNkosikhona "Pitbull" Mhlakwana ogijimela iHollywoodbets AC. Lo msubathi odabuka KwaMathandubisi, eHowick, ugcine elale eyesithupha ngesikhathi esiwu-5:43:28. Kube wuBongmusa Mthembu owokuqala waKwaZulu-Natal, ofike kuqala esiphethweni somjaho. Ulale isine ngesiwu-5:38:07.