USALE ebalisa ngendawo yokuziqeqesha umshayisibhakela wesifazane waKwaZulu-Natal, uThema "Stone Cold" Zuma ohlulwe nguMelissa Miller waseGauteng, empini yebhande le-African Boxing Union (ABU) lightweight eThekwini ngempelasonto.
UZuma waseDududu, ongumpetha waseMzansi, ukhale ngaphansi ngamaphuzu. Womathathu amajaji impi ayinike uMiller ngo 92-99, 92-98, 92-97. Bekulindeleke ukuthi engeze ngebhande le-ABU empini ebikade iseqhulwini kwebezihlelwe yiStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga e-Olive Convention Centre, ngoLwesihlanu.
Lezi zimpi bekusongwa ngazo umkhankaso weBoxing South Africa (BSA) wokugqugquzela isibhuda ukuthi singene kwezamankomane, i-Woman In Boxing Week, kulesi sifundazwe. Bezihanjelwe yiphini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uNocawe Mafu, nowesifundazwe u-Amanda Bani Mapena.
"Impi ibingenzima kakhulu. Kodwa ngoba bengilwa nomuntu onesipiliyoni kukhona engikufundile. Maningi futhi amaphutha okufanele ngiyowalungisa," kusho uZuma owehlulwe okwesithathu nguMiller.
Sekuphele isikhathi eside uZuma ekhala ngendawo yokuziqeqesha kulandela ukufakwa kwabantu abakhahlanyezwe yizikhukhula ehholo laseLamontville, abeziqeqesha kulona. UZuma ugcine eseziqeqesha phandle.
"Engikhala ngakho indawo yokuziqeqesha nabaxhasi ukuze ngizokwazi ukuziqeqesha ngayo yonke indlela. Kunzima ukuthi ngiziqeqeshela phandle. Uma lina izulu angikwazi ukuziqeqesha. Uma kunomoya angikwazi ukuziqeqesha. Iyona enye into eyenza kubenzima. Angikhali kakhulu ngokuhluleka ukuwina ibhande le-ABU ngoba kuningi okusafanele ngikufunde," kusho uZuma.
Inkinga yezindawo zokuziqeqesha nezinsiza, ikhinyabeza abashayisibhakela abaningi eKZN, phezu kwezethembiso zemihla ngemihla zikahulumeni.
UMiller uthe bekuzoba mnandi kakhulu ukuba ibhande le-ABU belihlanganiswe nelaseMzansi.
"Bekungaba yinto enkulu kimina ukuwina amabhande amabili ngesikhathi. Kodwa besazi ukuthi ubengeke alidedele elaseMzansi. Lokho bekuzosho ukuthi uzosala elambatha. Kodwa sizozilungiselela ukubuya sizofuna elaseMzansi, ngokuhamba kwesikhathi," kusho uMiller.