XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weCell C Sharks, uSean Everitt, ukholwa wukuthi amaphutha abawenzile yiwona aholele ekutheni badliwe yi-DHL Stormers ngo-20-10 emdlalweni we-United Rugby Championship (URB) ngoMgqibelo.
Womabili amaqembu angene kulo mdlalo obuse-DHL Stadium ebheke ukunqoba ngemuva kokubambana ngo-22-22 eThekwini, ngempelasonto edlule.
IStormers ikwazile ukubhukula kulo mdlalo obuseKapa, kodwa iSharks iqhubekile nokwenza amaphutha ayilimaza eThekwini, njengokulahla ibhola nokudala amaphenathi angenasidingo.
Amaphuzu eSharks kube yiphenathi ekhahlelwe wu-Joaquin Bonilla ne-try eshaywe uGrant Williams, uBoeta Chamberlain washaya i-conversion.
USeabelo Senatla no-Adre Smith bashayele iqembu lasekhaya ama-try amabili, uMannie Libbok wengeza ama-conversion amabili namaphenathi amabili.
“Ngicabanga ukuthi indlela owuqala ngayo umdlalo ibaluleke kakhulu ikakhulukazi emidlalweni lapho kudlala khona amaqembu acishe alingane,” kusho u-Everitt.
"Sithole amathuba amathathu emizuzwini yokuqala engu-20 kodwa sazenzela phansi ngokungawasebenzisi ngendlela efanele. Ngikhuluma ngokuhluleka ukuphasa noma ukunqaka ibhola.
“Ngaso leso sikhathi, amaStormers awatholile amathuba nawo esiwombeni sokuqala. Ebesingafuni ukukwenza kulo mdlalo ukubanikeza isikhala sokugijima uma beqala ibhola emuva.
“Ngebhadi asikhahlelanga ngendlela esezingeni eliphezulu, sabenzela umdlalo waba lula. Banqobe kufanele.
"Bebevale ngci emuva, bengavumi ukuthi singene. Bebenomfutho omkhulu uma bemaka. Into enhle iyanconywa.
"Basifake ngaphansi kwengcindezi futhi basiphoqa ukuthi senze amaphutha. Bekuwumdlalo onzima kodwa bawasebenzise kahle amathuba abo."
Komunye umdlalo we-URB obudlalelwa kuleli, iVodacom Bulls ishaye i-Emirates Lions ngo-21-13 eLoftus Versfeld.
Ukunqoba kweStormers kwenze badlule iSharks kwi-log njengoba sebehleli endaweni ka-10 ngamaphuzu angu-18. Ezika-Everitt sezisendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-16, zibambene neBulls esendaweni ka-12.
ILions ilona qembu eliphansi kunawo wonke awakuleli njengoba ilele endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-12.
I-Ulster yase-Ireland isesicongweni ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-10. IZebre yase-Italy isasemsileni ngephuzu elilodwa emidlalweni eyisikhombisa.
ISharks isizobhekana neBulls eTshwane ngoMgqibelo ngo-5:05 ntambama, iLions idlale neStormers eGoli, ngo-3 ntambama.