UKAPUTENI weqembu lesizwe le-netball, uBongiwe Msomi, akakhathazekile ngokungabibikho komqeqeshi, uNorma Plummer, kuleli yize sekusele ngaphezudlwana kwenyanga kuqale iNdebe yoMhlaba.
Lo mqhudelwano omkhulukazi uzobanjelwa kwizwekazi i-Afrika okokuqala selokhu wasungulwa ngo-1963, njengoba uzodlalwa eKapa, kusukela ngoJulayi 28.
Ngesonto elidlule, uPlummer ube nesithangami nabezindaba ekwelakubo, e-Australia, wadalula ukuthi uzoze afike kuleli ngoJulayi 14, ukuzoqedela amalungiselelo alo mqhudelwano.
Lezi zindaba zamukelwe ngezindlela ezihlukene njengoba bekukhona abalandeli abakhombise ukushaqeka ukuthi umqeqeshi usaphesheya, abanye bekhombisa ukuziqonda izizathu zakhe zokuhlala ekhaya.
Iningi labadlali bamaProteas lisabambeke emaqenjini alo ayingxenye yomqhudelwano omkhulu wakuleli, iTelkom Netball League, ozosongwa ngoJulayi 1, ePitoli.
Abadlali bazonikwa isikhashana sokuthi baphumule futhi abanye balulame ngokugcwele, ngaphambi kokuthi bahlangane ekhempini yokugcina yeqembu lesizwe.
“Siyaxhumana nomqeqeshi ngocingo. Uyayibuka imidlalo yethu futhi uyasinika izeluleko eziqondene nomdlali ngamunye ngoba akakwazi ukusihlanganisa okwamanje njengoba sidlalela amaqembu angafani,” uMsomi usho kanje.
“Ngeke sikwazi njengamanje ukugxila ekutheni umqeqeshi uNorma akekho kuleli ngoba lesi yisikhathi seTelkom Netball League (TNL). Kuseyisikhathi sokuthi abaqeqeshi bamaqembu ethu benze umehluko.
“Lokho akusho ukuthi akasinakile ngoba ubuchwepheshe bamanje benza kube lula ukubamba imihlangano ngisho ekude, sibonisane ngokuthile. Sisagxile kakhulu ekusizeni amaqembu ethu ukuthi enze kangcono kwiTNL, ikakhulukazi njengoba kungakaqinisekiswa ukuthi yibaphi abadlali abangu-12 abazoya eNdebeni yoMhlaba.”
UMsomi wayengukaputeni nangesikhathi amaProteas eqeda endaweni yesine eNdebeni yoMhlaba eLiverpool, ngo-2019. Uthe ugculisekile ngabadlali abangu-15 abamenyezelwe ngenyanga edlule, yize kukhona nabadlali abasebancane abazobe beqala ukudlala kuleli zinga.
“Sidlale kahle kwiQuad Series ngasekuqaleni konyaka sibhekene namaqembu amathathu ahamba phambili emhlabeni. Kunezinto ebesazi ukuthi kumele sizilungise futhi ngibona sengathi sikwazile ukuthuthuka kuzona,” uqhube kanje.
“Besinabadlali abanamava kulowo mqhudelwano, babuyela emaqenjini abo aphesheya ngemuva kwawo. Thina esizinze kuleli sikwazile ukubamba amakhempu nabadlali abasebancane, sathola nethuba lokuyodlala e-Australia, namaqembu akhona ahamba phambili.
“Lelo kube yithuba elihle lokuthi laba abangakaze badlale emiqhudelwaneni emikhulu babhekane nabadlali abagijima kwenye yamaligi aphezulu emhlabeni, kwiSuncorp Super Netball. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu oyingxenye yeqembu ulitholile ithuba lokudlala futhi usekulungele ukudlala eNdebeni yoMhlaba.”
AmaProteas azoqala lo mqhudelwano kuPool C lapho ezogadulisana khona neWales, Jamaica neSri Lanka.