UWABEKE kuNkulunkulu amathemba umgijimi wakuleli, uGlenrose Xaba, ukuthi amvikele ekulimaleni ukuze kuzofezeka iphupho lakhe lokuqeda uchungechunge lweSpar Grand Prix 10km, endaweni yesithathu.
Le ntokazi yaseNewcastle kodwa esizinze eMpumalanga naseGauteng, iwuqale kahle lo nyaka njengoba yenze kahle kuyoyonke imijaho eyingenelile, ikakhulukazi kwi-Track & Field nasebangeni leka-10km.
Nakulolu chungechunge lwaminyaka yonke kubukeka umgqigqo iwubambe ngesinono.
Emlenzeni wokuqala obuseCape Town, ilale isithathu ngesikhathi esiwu-34:05.
Intambo ishaywe uHiyane Lama wase-Ethiopia (33:42), isibili sathathwa umkhaya wayo, uSelaman Gebre (33:44).
Emlenzeni waseGqeberha, e-Eastern Cape, uGlenrose ocijwa uCaster Semenya, uphinde waphuma endaweni efanayo ngesiwu-32:12.
Kulowo mjaho kwanqoba umpetha wango-2021 nango-2022, uTadu Nare wase-Ethiopia (31:35.)
Kweyesibili, kube wumkhaya wakhe futhi uSelaman (31:53).
NgeSonto, eThekwini, kuzogijinywa owesithathu ozosukela kuMasabalala Yengwa Avenue, ngaphandle kweHollywoodbets Kings Park Stadium. Uzophelela endaweni efanayo. Isibhamu siqhuma u-8 ekuseni.
Kukhona nebanga lika-5km ebelingekho kwiminyaka emibili edlule ngenxa yeCovid-19.
UGlanrose utshele Isolezwe ukuthi ujabule njengoba idolo lisamxolele.
Uveze ukuthi isifiso sakhe ukuqeda endaweni yesithathu uma sekusongwe lolu chungechunge. KwiSpar Grand Prix kuqoqwa amaphuzu ngezindawo abagijimi abaqeda kuzona.
"Eminyakeni edlule, bengijwayele ukuba kwabahlanu abaphezulu kwiSpar Grand Prix ngenxa yokuhlushwa yidolo. Okunye obekungishaya ukungayigijimi yonke imilenze. Bengibuye ngiye naphesheya kwezikwandle.
“Kulo nyaka abaqeqeshi bami benza isiqiniseko sokuthi idolo alingihluphi. Ngithandazela ukuthi lithule kanje. Ngithandazela nokuthi nomzimba wami ungangihluphi ngeSonto. Ngihlale ngigijima kahle eThekwini," kusho uGlenrose.
Kulo nyaka, abahleli balo mjaho bamemezele ukuthi abasubathi ababili bakuleli abazofika kuqala esiphethweni bazothola uR10 000 no-R5000.
Okunye abakuleli abazoqeda lolu chungechunge bekwabathathu bokuqala, bazohlomula ngoR30 000, R25 000 noR21 000. Akupheleli lapho, abazoqeda bekwabahlanu bazocazelana uR185 000.
Ozobashaya bonke emakhanda kungakhathalekile ukuthi owakuliphi izwe, uzogoduka noR200 000. Imiklomelo izoze iyoshaya kolale eyeshumi. Sesisonke isamba semiklomelo yalo nyaka siwuR1.9 million.
UGlenrose ubonge kubahleli ngokubagqugquzela ngala mabhonasi bengabasubathi bakuleli.
Uthe enza izinga libe phezulu. Imingenelo izoqala ukufakwa ngoLwesihlanu, kusukela ngo-10 ekuseni kuya ku-6 ntambama, eDurban Exhibition Centre. NgoMgqibelo kugcinwa ngo-4 ntambama. Kwibanga lika-10km kukhokhwa uR200 bese kuba uR150 ku-5km.
Uma kuqedwa eThekwini, kuyiwa eMbombela Stadium, ngo-15 Julayi.