SITHEMBISO MKHIZE
UMSHAYISIBHAKELA waseMpangeni, uKhumbulani "Flint" Mdletshe ufuna ukubonga umufi uThulani "Sir" Magudulela, ngokunqoba ibhande leWBF Welterweight empini engoMgqibelo, phakathi kwakhe noLybon Ntshani, KwaNongoma Multipurpose Centre.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano wosuku ohlelwe yiLudonga Boxing Promotions, oqala ngo-1 emini kanti baxhaswe wuMnyango wezeMidlalo, nomasipala iZululand.
UMdletshe oqale isibhakela ngakubo eMpangeni, ngaphansi kukaBen Zikhali noGcina Mjadu, uhlangane noMagudulela ngo-2018 ezokulwa emqhudelwaneni wokunyukela esigabeni esikhokhelayo.
Ngonyaka odlule lo mshayisibhakela osecijwa nguSizwe " Bhubesi" Mthembu, ube neshwa kudlula emhlabeni uMagudulela kade emhlelela impi yebhande leWBF Welterweight. Wayezolwa noHabibu Pengo waseTanzania.
Kumanje izintambo zeLudonga ziphethwe yindodana kaMagudulela, uZwilenkosi.
"Ubaba uMagudulela udlule emhlabeni kuyisifiso sakhe ukuthi ngibe umpetha womhlaba. Nakuba ngingakafiki ndawo esibhakeleni kodwa ngimbonga kakhulu ngangenzele kona. Ngizokwenza okusemandleni ukulinqoba leli bhande ukuze ajabule lapho ekhona," kubeka uMdletshe.
Uqhube wathi usezibonile izimpi eziqoshiwe zesitha sakhe uNtshani.
"Ikhona impi yakhe engangikuyo elwa noSimphiwe Ntombela engangijima naye. Nakweziqoshiwe ngibonile ukuthi uNtshani uyibhokisa elinamandla, elingawi kalula. Nokho engikuqaphelelile ukuthi uyashayeka. Le mpi sengiyilungiselele izinyanga ezintathu. Ngingcweke namabhokisa ezinga eliphezulu ejimini. Okungijabulisayo ukuthi ngizobe ngilwela ekhaya, phambi kwezihlobo nabangani.“
Sekuphele izimpi ezintathu uMdletshe enqoba.
Umpetshisi wawugcina ngo-Ephreli wango-2017, eshaywa nguXolani Mcotheli ngomngqimuzo womlalisa, kubangwa ibhande likazwelonke leSuper Lightweight. Ugcine ukulwa ngo-2019 KwaNongoma laph agqimuza khona uLimbani Masamba, waseMalawi.
Ezimpini eziwu-11, unqobe eziyisishigalombili, wahlulwa kwezintathu.
UNtshani ongowaseLimpopo, usanqobe ezintathu, wahlulwa waphinde walwa ngokulingana kweyodwa. NgoMashi nyakenye uhlule uSheldon Schultz.
Enye impi ebhekwe ngabomvu kulo mqhudelwano ngeyebhande laKwaZulu-Natal, leWelterweight, elizobangwa nguNqobile Mzobe noLindokuhle Dlamini.
Ezinye izimpi zihlelwe kanje:
Siyabonga Mpangela v Mthobisi Nkosi (Junior Bantamweight); Anele Kunene v George Kandulo (Junior Flyweightweight); Mxolisi Sibiya v Cebelihle Mpanza (Junior Featherweight); Nhlonipho Hlubi v Sandile Dumisa (Featherweight); Mfanuvele Ntuli v Manqoba Ndwandwe (Flyweight).