UKUBA nomzimba obukeka njengowentombazane esencane nakuba isihambile iminyaka kwenza uFikile Mbuthuma alibone lifezeka iphupho lakhe lokugijima iComrades Marathon amahlandla awu-20.
Le ntokazi ebuye ibe umsebenzi ePrime Human Performance Institute, eMoses Mabhida Stadium, itshele Isolezwe ukuthi kulo nyaka izogijima iComrades ka-16.
Ineminyaka ewu-43. Kuzoba ngokokuqala igijima lo mjaho ngaphansi kwePhantane AC kaMdu Khumalo.
Phambilini beyigijimela iNedbank Running Club.
Umjaho walo nyaka onesiqubulo esithi Nakanjani, uqala ngo-5.30 ekuseni, eCity Hall, eThekwini, uphele Scottville Racecourse, eMgungundlovu, ngeSonto.
Kwagcinwa ukwenyukwa ngo-2019.
Kwabesifazane kwanqoba uGerda Steyn wayo iPhantane ngesikhathi esiwu-5:58.53 ephula irekhodi.
Nanyakenye kwehliwa uphinde esifanayo eshaya intambo ngesiwu-5.44.54.
Kwabesilisa ngo-2019 kwanqoba u-Edward Mothibi (5:31.33).
Ngo-2022 nango-2023, kwehliwa kwanqoba uTete Dijana. Naye nyakenye uphule irekhodi ngesiwu-5:13.58.
UFikile uthe ahambe kahle amalungiselelo alo mjaho.
Usethendazela ukuthi umzimba wakhe ungamphoxi ngeSonto.
Uveze ukuthi akafuni ukuzethwesa ingcindezi, uzolwela ukwenza isikhathi esingamahora ayisikhombisa.
"Akudlalwa uma iComrades inyuka. Kumele ujime ngempela. Kumele ngiqaphele kukho konke engikwenzayo. Ukuyigijima kwenyukwa ngakugcina ngo-2019. Ngizobe ngisebenzile uma ngiqede emahoreni ayisikhombisa. Okungijabulisayo ukuthi ahambe kahle amalungiselelo. Ukujoyina iPhantane kube isibusiso. Uma sijima umqeqeshi uMdu, usuke ekhona. Akufani nokuqeqeshwa umuntu oseGoli wena useThekwini", kubeka uFikile ophume endaweni ka-19 nyakenye.
Uqhube wathi isifiso sakhe ukuthi aphinde ahlonishwe iComrades Marathon Association (CMA) ngomklomelo wesibili weGreen Number.
Ngalo mklomelo kuhlonishwa abanqobe iComrades kathathu noma abanezindondo ezinhlanu zegolide. Uphinde unikwe asebeyigijime ka-10. UFikile usawuthola owokuqala ngokugijima imijaho eyishumi. Usalelwe imijaho emihlanu ukuthi athole omunye ngokuhlanganisa ewu-20.
"Nakuba iminyaka isihambile kodwa ngizizwa sengathi ngiseyitshitshi. Ngisenza engikuthandayo emgwaqweni. Ngibona ngizoyiphinda iGreen Number yesibili.“
Lo mgijimi wagcina ukuthola indondo yegolide ngo-2016, elala eyesishiyagalombili. Wenza isikhathi esiwu-6:56.32. Selokhu kwathi nhlo kulo mjaho abasubathi besifazane bakuleli, abamnyama, abaliboni elidlalayo. Kukhonya abangaphandle nabezinye izinhlanga. Nyakenye abakuleli abamnyama basindiswa uJenet Mbhele owalala eyeshumi.
UFikile uthe kuyamjabulisa ukubona sanda isibalo sentsha yabesifazane ensundu ezoba ingxenye yeComrades kulo nyaka.
"Kulo nyaka ngibheke ukuthi babe bathathu noma abane abesifazane bakithi abazongena kwi-Top 10. Ngigezeke igilo, amantombazane akithi avukile emaqandeni. Engibabhekile ngabafana naye uJenet, noNobuhle Tshuma nabanye," kusho uFikile.