SITHEMBISO MKHIZE
USHAYA amakhala uSandile " Spikili" Dumisa, ngomphumela wempi yebhande leKZN Junior Lightweight, phakathi kwakhe noKhanyisani Mbokazi, eLadysmith Indoor Sports Centre ebingoLwesihlanu ebusuku.
Izimpi beziqhathwa iHlula Dladla Boxing Promotions, uKhanyisani wanqoba ngamaphuzu, okwenze uDumisa wakhala ngokubanjwa inkunzi emini kwabha!
Bekungokwesibili evikela isicoco selokhu asithatha kuBrandon Naude.
Emuva kwempi uDumisa ocijwa nguLetho " Sweetboy" Sibisi, utshele Isolezwe ekhala izinyembezi ukuthi amajaji ambambele ingcaca. Bekhuluma ngokulekelelana nomqeqeshi wakhe uLetho Sibisi, bathe bazofuna impindamshaye.
" Hawu! Ngaze ngarojwa bo! Ibuhlungu le nto eyenzekayo ngoba sisebenzise eningi imali silungiselela impi. Wonke umuntu obesehholo ubonile ukuthi ngimshayile uKhanyisani. Leli yibhande lami. Ngifuna benziwe ubulungiswa. Sizokhuluma nobaba uHlula Dladla ukuthi iphindwe le mpi. Kudlaliwe ngami," kubhoka uDumisa.
USibisi uthe lapho ekhona uKhanyisani uyazi ukuthi ibhande leJunior Lightweight, kufanele ukube kungelikaDumisa. Kule mpi ebeyinemizuliswano ewu-10, unompempe bekungu-Eric Khoza. Amajaji bekungoSipho Zondo, Thokozani Ncube noBulelwa Mthembu.
Okubukeka kuqhathe uDumisa ukuvumela ukushaywa nguKhanyisani emizuliswaneni ebingasekuqaleni. Nokho kusukela kowesine uDumisa ubuye ngamandla kwaze kwaba iyaphela impi. Ngemuva kwempi uKhanyisani ubemabokoboko ebusweni. USibisi uthe uma begcina ngokungayitholi impindamshaye bazofaka isicelo sokuthi uDumisa alwe noNaude kweyesicoco seLightweight, esingaphethwe muntu.
Impi yosuku ebiphakathi kukaMfanuvele Ntuli, noSanele "Theo" Mhlungu kayiphelanga ngenxa yokuthi amabhokisa angqubuzene ngamakhanda. UNtuli obevikela isicoco seKZN Junior Flyweight, uvuleke inkebenkebe yenxeba ngenhla kweso kanti lokhu kwenzeke ngomzuliswano wokuqala.
Unompempe uSipho Zondo uyimisile impi, amajaji athi iphele ngokulingana. Obehlela umqhudelwano, uDladla ubonge wanconcoza emphakathini waseMnambithi, obuphume ngobuningi bawo.
Imi kanje eminye imiphumela yezimpi zeHlula Dladla Promotions:
KwiBantamweight: uSihle Shange uwine ngamaphuzu kuSechaba Zuma. USanele Ngcobo wamhlula ngamaphuzu uNtokozo Mthonti.
KweyeFeatherweight: u-Andile Sibisi umnqobe ngomcacamezelo womlalisa phansi uMpume Maisela.
KwiFlyweight: uNkosingiphile Sibisi wamehlula ngamaphuzu uNtshidze Mashila.
KwiCatchweight: uSabelo Cebekhulu uwele ngamaphuzu kuSaul Hlungwani.